Advertisement
X

Badilize imijondolo ‘evimba’ intuthuko

BONISWA MOHALE

BAVUKE umbhejazane abantu basemijondolo yase-Area 3, eCato Crest, eThekwini, badiliza izindlu ngenkani ngoba bethi imijondolo ibavimbela intuthuko.

AMAPHOYISA afike isikhashana ezohlola isimo emijondolo yaseCato Crest emuva kwalokho abuyele emuva abantu basale begxoba itoyitoyi.Isithombe: NQOBILE MBONAMBI

Abantu abadilizelwe basale dengwane bengazi ukuthi bazoshonaphi. Ikomidi elidilizile belingafune muntu okhuluma nabahlukumezekile.

Ngisho ithimba leSolezwe ebelihambele leya ndawo lihambe selishaywa ngamatshe ngamadoda abephethe izando namafosholo athathe amapeni namabhuku okubhala awadabula.

UMnuz Sipho Duma odilizelwe umjondolo wakhe uthe wafika eCato Crest eminyakeni engu-14 edlule kanti akazi ukuthi kungani enganikwanga isikhathi esanele sokufuna indawo yokuhlala uma sekuzoqala intuthuko.

“Umbhobho umemezele ngoLwesihlanu ukuthi izindlu zethu zizodilizwa kodwa sixakekile sekufika ogandaganda namhlanje namakomidi ezodiliza izindlu zethu,” kusho uDuma.

Uthe ingu-20 imijondolo ediliziwe ngoba bekukhona abantu abaqashile, yilabo abazakhele nalabo abanezinamba zemijondolo ezibizwa ngo-cc.

Akazange aqede ngisho ukuchaza kwabe sekuqhamuka iqulu labesifazane elithe lisekomidini futhi lisebenzisana nekhansela lendawo.

Owesifazane, ozichaze njengoMaMkhize, uthe abantu abadilizelwe izindlu izolo banikezwa ithuba lokuba bathuthe ezinyangeni ezinhlanu ezidlule.

UMaMkhize akaqedanga ukuxoxa nezintatheli ngoba kube sekufika amadoda ezando athatha amabhuku namapeni akudabula ajaha izintatheli ezibuza ukuthi zibizwe ngubani.

UMnuz Thabo Mofokeng, obhekelele ezokuxhumana kuMasipala weTheku, uthe abantu baseCato Crest bavumelana ngokuthi uma sekufika intuthuko abantu bazosuka bazifunele bona indawo yokuhlala ngesikhathi kwakhiwa bese bebuya sekuqediwe.

SHOW ALL
Advertisement