Badilizelwe imizi eyakhiwe ngoseyili

Comment on this story
NO LAMONT3 BONGANI MBATHA UMPHAKATHI waselamont ozozama ukhwakha imizi yawo ngoba uthi baphucwa izindlu zomxhaso. ISITHOMBE: BONGANI MBATHA

NQOBIZIZWE ZWANE

Bazoba wukudla kwamakhaza nemvula abantu abahlala esigangeni abasibiza ngeMadlala Village, eLamontville, abasale dengwane izolo kudilizwa imijondolo yabo kaseyili nocwazi ngabasebenzi bakaMasipala weTheku ngomyalelo wekhansela lewadi, uNkk Nolubabalo Mthembu.

Obakhulumelayo, uMnuz Richard Madlala, uthe akazi ukuthi bazowagoba kuziphi izinkalo amadlangala nokuthi bazodlani emva kokudilizwa kwemizi izolo ekuseni ngenxa yekhansela athi alifuni nokubabona kule ndawo.

“Asazi sizolala simbetheni namhlanje (izolo) ebusuku, thina nemindeni yethu,” kusho uMadlala.

uthe kufike abasebenzi bakamasipala izolo ekuseni ngabo-9 bephelezelwa onogada babatshela ukuthi ikhansela laku wadi 74 lithe ababhidlize le mizi.

“Ngesikhathi bebhidliza bathathe oseyili ebesakhe ngabo, balimaza nezitofu zethu zikapharafini kwezinye izindawo bashaqa nokudla nokunye.

NO LAMONT4 IZAKHAMIZI zaselamontville besezizoqala ukubekisa ngezindawo zokugxumeka izindlu zazo ehlathini elingumakhelwane nalendawo. ISITHOMBE: BONGANI MBATHA BONGANI MBATHA

“Njengamanje asazi ukuthi sizodlani nokuthi sizoyivusa ngani imizi yethu ngoba siziphilisa ngamatoho,” kusho uMadlala.

Eqhubeka uthe sekuyizikhathi eziningi bedilizelwa imizi yabo kusukela ngo-Okthoba ngonyaka odlule belwa nomasipala ngale ndawo.

“Kade baqala ukusibhidlizela yize sisahlale izinyanga ezingaphansi kwezine futhi asazi ukuthi senzeni kubani. Noma sijeziselwa ukuthi singamalungu e-National Freedom Party (NFP) asazi. Ngeke sisuke lapha ngoba ayikho enye indawo esingaya kuyo,” kusho uMadlala.

Bathe abayi ndawo ngoba sekunesikhathi behlukunyezwa.

“Ayikho enye indawo esingaya kuyo. Akukho khansela elisikhathalele manje sizosuka sibhekephi thina,” kusho uNksz Snethemba Gumbi (22), obegone ingane yakhe enonyaka.

Okhulumela iNFP eThekwini, uMnuz Skhumbuzo Zulu, uthe unikele kule ndawo ekuseni emva kokuzwa ukuthi lo mphakathi ogcwele amalungu ale nhlangano udilizelwe izindlu.

NO LAMONT5 UMNUZ Richard Madlala osehlale isikhathi esingangezinyanga ezine kulelihlathi abazimisele ukwakha kulo imijondolo yabo. Group

“Asazi ukuthi kuthiwe abashonephi ngoba nezindlu zemixhaso bebenganikwa ngesikhathi besahlala phakathi elokishini. Uma sebezitholele ihlathi bazakhela indawo yokuhlala sebephendulwa ondingasithebeni,” kusho uZulu.

Eziphendulela uNkk Mthembu, uthe ayikho indawo ebizwa ngeMadlala Village eLamontville wathi umasipala udilize ocwazi abantu abebezama ukwakha ngabo ehlathini.

“Ayikho indawo ebizwa ngeMadlala Village ewadini yami,” kusho ikhansela.

Uthe ubengakaze athi abantu baphazamisa izilwane uma behlala kuleli hlathi.

“Akekho umuntu owake wahlala lapha futhi akekho ozohlala,” kusho uNkk Mthembu.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.