Advertisement
logoSections

Badilizelwe imizi eyakhiwe ngoseyili

Bazoba wukudla kwamakhaza nemvula abantu abahlala esigangeni abasibiza ngeMadlala Village, eLamontville, abasale dengwane izolo kudilizwa imijondolo yabo kaseyili nocwazi ngabasebenzi bakaMasipala weTheku ngomyalelo wekhansela lewadi, uNkk Nolubabalo Mthembu.

Obakhulumelayo, uMnuz Richard Madlala, uthe akazi ukuthi bazowagoba kuziphi izinkalo amadlangala nokuthi bazodlani emva kokudilizwa kwemizi izolo ekuseni ngenxa yekhansela athi alifuni nokubabona kule ndawo.

UMPHAKATHI waselamont ozozama ukhwakha imizi yawo ngoba uthi baphucwa izindlu zomxhaso. ISITHOMBE: BONGANI MBATHA. Credit: BONGANI MBATHA

“Asazi sizolala simbetheni namhlanje (izolo) ebusuku, thina nemindeni yethu,” kusho uMadlala.

uthe kufike abasebenzi bakamasipala izolo ekuseni ngabo-9 bephelezelwa onogada babatshela ukuthi ikhansela laku wadi 74 lithe ababhidlize le mizi.

“Ngesikhathi bebhidliza bathathe oseyili ebesakhe ngabo, balimaza nezitofu zethu zikapharafini kwezinye izindawo bashaqa nokudla nokunye.

“Njengamanje asazi ukuthi sizodlani nokuthi sizoyivusa ngani imizi yethu ngoba siziphilisa ngamatoho,” kusho uMadlala.

Eqhubeka uthe sekuyizikhathi eziningi bedilizelwa imizi yabo kusukela ngo-Okthoba ngonyaka odlule belwa nomasipala ngale ndawo.

“Kade baqala ukusibhidlizela yize sisahlale izinyanga ezingaphansi kwezine futhi asazi ukuthi senzeni kubani. Noma sijeziselwa ukuthi singamalungu e-National Freedom Party (NFP) asazi. Ngeke sisuke lapha ngoba ayikho enye indawo esingaya kuyo,” kusho uMadlala.

Bathe abayi ndawo ngoba sekunesikhathi behlukunyezwa.

“Ayikho enye indawo esingaya kuyo. Akukho khansela elisikhathalele manje sizosuka sibhekephi thina,” kusho uNksz Snethemba Gumbi (22), obegone ingane yakhe enonyaka.

Okhulumela iNFP eThekwini, uMnuz Skhumbuzo Zulu, uthe unikele kule ndawo ekuseni emva kokuzwa ukuthi lo mphakathi ogcwele amalungu ale nhlangano udilizelwe izindlu.

“Asazi ukuthi kuthiwe abashonephi ngoba nezindlu zemixhaso bebenganikwa ngesikhathi besahlala phakathi elokishini. Uma sebezitholele ihlathi bazakhela indawo yokuhlala sebephendulwa ondingasithebeni,” kusho uZulu.

Eziphendulela uNkk Mthembu, uthe ayikho indawo ebizwa ngeMadlala Village eLamontville wathi umasipala udilize ocwazi abantu abebezama ukwakha ngabo ehlathini.

“Ayikho indawo ebizwa ngeMadlala Village ewadini yami,” kusho ikhansela.

Uthe ubengakaze athi abantu baphazamisa izilwane uma behlala kuleli hlathi.

“Akekho umuntu owake wahlala lapha futhi akekho ozohlala,” kusho uNkk Mthembu.

SHOW ALL
Advertisement