Badumele bebhiyoza kushona indodana

Comment on this story
NO mavu2 INLSA UMALUME kasomatekisi waseFolweni, uMbusiso Khuzwayo, ekhaya eMangamazini exoxa ngokudutshulwa kukamshana wakhe, uVusumuzi Mavu Khuzwayo. Isithombe: PATRICK MTOLO

MBALI KHANYILE

UMNDENI kasomatekisi waseFolweni odutshulwe wabulawa ngoLwesithathu kwa-V eMlazi ngabo-6 ntambama ngamadoda angaziwa usudlulise amazwi okushweleza emphakathini okungenzeka ukuthi uhlukunyezwe yilo somatekisi okuthiwa ubesatshiswa okwenyoka.

UMnuz Mbusiso Khuzwayo, umalume kaMnuz Vusumuzi Khuzwayo (32) oshonile nobedume ngelika “Mavu” waseMangamazini, ngaseFolweni, utshele isolezwe izolo ukuthi badumele umphakathi wakule ndawo ubhiyoza ukhalisa namahuthi ezimoto emuva kokuzwa ukuthi kudutshulwe umshana wakhe.

UKhuzwayo uthe ufisa bonke abantu asebake bahlukunyezwa nguMavu baxole. “Yize abantu bendawo bekhombisa ukujabula njengoba kubulewe uVusumuzi, thina njengomndeni akukho okubi obekusihlukumeza esingathi wakwenza ngesikhathi esaphila,” kusho uKhuzwayo ngokudabuka.

Uthe umshana wakhe ubewusizo olukhulu emndenini njengoba ebewenzela yonke into edingekayo ngale ngokukhononda.

Umchaze njengomuntu obenothando ezihlotsheni nobehlezi ekhululekile emoyeni.

UMnuz President Nguse onguSihlalo weFolweni Taxi Owners’ Association uzwakalise ukudumala ngokubulawa kukaKhuzwayo ngesikhathi ekhuluma nentatheli yeSolezwe.

“Sikhathazeke kakhulu ngalesi sigameko esisehlele ngakho-ke sizimisele kakhulu ngokubambisana namaphoyisa ukuze kutholakale lezi zigilamkhuba ezingenanembeza futhi ezinonya,” kubeka uNguse.

Uqhube ngokuthi yena nabanye osomatekisi bakule ndawo bazizwa bengasaphephile nhlobo njengoba kunezinsongo abazizwa zikhulunywa ngabantu zokuthi kusazobulawa abanye osomatekisi ababili, ngesizathu sokudutshulwa komfana omncane owafa ngesikhathi kunombhikisho umphakathi waseFolweni ukhala ngokwenyuka kwemali yokugibela ngesonto eledlule.

UCaptain Thulani Zwane, okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu Natal, uqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokubulala mayelana nalesi sigameko kanti akekho osaboshiwe. basaqhubeka nophenyo.

Ngaphandle kokuba ngusomatekisi uKhuzwayo ubesondelene kakhulu neqembu elishisa izikhotha lomculo weKwaito iBig Nuz eThekwini.

Ubejwayele ukubonakala nasezindaweni zobumnandi lapho kusuke kudlala khona leli qembu.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.