KUGCINE “kungcwatshwa” ithini likafishi lapho kukhishwe khona isidumbu sowesilisa okutholwe ukuthi kuphambane izinkomishini, kwangcwatshwa umuntu okungayena eSgqumeni KwaSwayimane.
Lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko ngemuva kokuvela kokuthi izidumbu zemindeni emibili, owakwaGasa nowakwaDlamuka, ziphambene kade zilandwa emakhazeni.
UMnuz Bongumusa Gasa bekulindeleke ukuba afihlwe ngoMgqibelo odlule kodwa kwangezeka. Kuvele ukuthi isidumbu sakhe siphambane nesikaMnuz Jeff Dlamuka.
Le ndaba isematheni kule ndawo kwazise imindeni ethintekayo isondelene. Yomibili ayifunanga ukuxoxisana ne Solezwe ngalolu daba.
Ngokuthola kwe Solezwe umndeni wakaDlamuka wafihla ngoLwesine olwedlule umuntu okungayena. Balanda isidumbu emakhazeni akwaSibiya eWartburg.
Kuthiwa amalungu amane alo mndeni adideka ngesikhathi elanda isidumbu ngoba befana laba bobabili abashone ngokugwazwa.
Umthombo we Solezwe uthe kube yinsumansumane sekumele kumbiwe isidumbu ebese singcwatshiwe.
“Kwambiwa kwaDlamuka ngoLwesine, wagcina ngokufihlwa kwaba ukuphela. Kuthe ngoLwesihlanu babizwa kaGasa ukuzobona isidumbu sakhona ngoba sebethole ukuthi akusona esabo. Kufike kwacaca ukuthi nguDlamuka uqobo lona obezofihlwa kwaGasa. Kwacaca ukuthi kungcwatshwe umuntu okungeyena. NgoMsombuluko kumbiwe kwaDlamuka sekukhona nomndeni wakwaGasa. Isidumbu bese sinephungana kodwa bakwazile ukusibona ukuthi ngesabo. Ukhishiwe engcwabeni kwabe sekufakwa ithini likafishi kwavalwa ingcwaba,” kusho umthombo.
Isolezwe kade livakashele le mindeni ibhoke yakhahlela yathi akukho ezokuphawula. KwaGasa bekunowesifazane obehlezi emakhandleleni ongafunanga negama othe: “Asinankinga layikhaya. Isidumbu sizobuya sifihle. Akukho lutho okonakele. Akukho okunye engizokusho.”
NakwaDlamuka kube esifanayo, owesifazane ozibize ngoNkk Dlamuka uthe: “Akekho ozokhuluma nani ngalolu daba. Asithandi ukuphawula. Abekho nabadala.”
Bekunamatende egcekeni kuyo yombili le mizi, kuphithizela nabantu kubonakala ukuthi kukhona okwehlile.
Kwenzeka lokhu nje kuthiwe zombili izidumbu zibuyiselwe emakhazeni. Bekulindeleke ukuba kufihlwe kwaDlamuka izolo. KwaGasa kuthiwa kuzofihlwa ngeSonto.
Kuthintwa abakwaSibiya’s Funeral eWartburg, owesifazane ozibize ngoSiko (owale waphetha negama eligcwele), uthe ngumnikazi wale ndawo ongakwazi ukukhuluma nabezindaba, kodwa akekho.
Kuthe noma kucelwa izinombolo zakhe zeselula wala waphetha nazo.
Amaphoyisa awazange aphawule ngalesi sigameko.
Isolezwe lithole ukuthi amaphoyisa awazange athintwe ngesigameko njengoba imindeni ivele yahlangana nomnikazi wamakhaza bazilungisela isimo.
Akuzange kucace ukuthi udaba lubikiwe yini enkantolo ukuze kumbiwe isidumbu.
USihlalo wezinyanga KwaZulu-Natal uMnuz Sazi Mhlongo, ethintwa izolo ngosiko olujwayele ukwenziwa uma kukhona isidumbu esimbiwe uthe uyakuqabuka okokufaka ithini likafishi.
“Ngokwesintu kufakwa umuthi okuthiwa umalibeni lapho kusuke kungcwatshwe khona isidumbu. Kube sekuhlatshwa nenkomo njengoba kusuke kwenziwe isidumbu sifihlwa. Okwethini likafishi ngiyakuqala. Ufunda uze ufe. Kungenzeka ukuthi isimanjemanje leso. Kudala kwakufakwa isilwane ethuneni, kubhekwe noma isele. Awasemaningi kodwa manje amasele,” kusho uMhlongo.