Bafisele iSilo unwele olude

Comment on this story
Copy of NO_NO ZULU0 INLSA ISILO samaBandla noNdunankulu wesifundazwe uDkt Zweli Mkhize bathathwa ngesikhathi kuvulwa isiShayamthetho eMgungundlovu

INTATHELI YESOLEZWE

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uDkt Zweli Mkhize usehlanganyele nesizwe sonke ukuhalalisela iSilo samaBandla njengoba namhlanje sigubha usuku lokuzalwa.

Namahlanje uHlanga loMhlabathi luhlanganisa iminyaka engu-64 ubudala kanti luzogubha lolu suku ngokuthi luhlanganyele nabantu abadala esigodlweni kwaLinduZulu .

UMkhize uthe kuyintokozo njengesifundazwe ukuthi iKwaZulu-Natal ibusiswe ngokuba neSilo esesiphile isikhathi eside kangaka .

“Kule minyaka esidlulile iNgonyama yethu ikhombise obukhulu ubungani nokumela ngenhlonipho isizwe samaZulu kubantu bakwamanye amazwe abasuke bevakashele lesi sifundazwe nokwenza bahambe besathokozile futhi bengawuvali umlomo ngaso,” kusho uMkhize.

Imiyalezo yokufisela iSilo usuku oluhle ibisalokhu ingene njalo iqhamuka nhlangothi zonke lapho kuhahaliselwa ukuhlanganisa kwaso iminyaka engu-64.

ISilo singesokuqala emlandweni kaZulu ukubusa iminyaka engaphezulu kuka-40 kusuka kokhokho baso abadala oSenzangakhona noShaka nabanye ababubeke ebalazweni ubukhosi bakwaZulu.

Kwenzeka lokhu nje kuzothi ngo-2016 isizwe samaZulu sihlanganise iminyaka engu-200 saba khona kusuka emandulo.

ISilo siphinde sinconywe kakhulu ngeqhaza laso elikhulu esilibambile ekulwisaneni nezifo phakathi kwazo okubalwa igciwane lengculazi nokunye okukhubaza isizwe nabantu abasha.

Njengamanje kuseyiso sodwa esisathola ukuhlonishwa okwehlukile njengoba ezifundazweni zaseNingizimu Afrika yisona kuphela esinethuba lokuvula isiShayamthetho sesifundazwe.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.