MLUNGISI GUMEDE
AMAQEMBU aphikisayo afuna incazelo ngo-R250 000 owakhishwa ngumasipala weTheku ukunezezela ku-R500 000 wokuxhasa iDurban Jazz Festival ngoba kade kuthiwe umcimbi uzoba sePeople’s Park, eMoses Mabhida.
INhloko yezokuVakasha emkhandlwini weTheku, uMnuz Phillip Sithole, yafaka isicelo emhlanganweni wekomiti elilawula umkhandlu ezinyangeni ezedlule yathi icela inyuswe imali yokuxhasa umcimbi ngoba uzoba sePeople’s Park.
Eminyakeni ewu-11 eyedlule ifestiveli ibiba seHazelmere Dam, eVerulam, kepha kushintshile lokhu ngonyaka odlule njengoba ube sePeople’s Park.
Emasontweni edlule kubuye kwamenyezelwa ukuthi ifestiveli isizobuyela khona eHazelmere Dam nangempela yabuyela ngoDisemba 26.
Emhlanganweni wekomiti elilawula umkhandlu uSithole wathi ukuza komcimbi ePeople’s Park kuzodinga ukuthi umakethwe ngoba abantu bajwayele ukuthi uba seHazelmere Dam.
Ukubuyela komcimbi eHazelmere Dam kubangele ukuthi kube nombuzo wokuthi yenzeni imali enenezelwe ngoba kuthiwa ifestiveli izoba sePeople’s Park.
Umholi wekhokhasi yeDA emkhandlwi weTheku, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe bafuna ukwazi ukuthi ushonephi u-R250 000 ngoba umcimbi awubanga sePeople’s Park.
“USithole wafika emhlanganweni wacela ukuthi yenyuswe ngo-R250 000 imali yokuxhasa i-jazz ngesizathu sokuthi izoba sePeople’s Park kodwa umcimbi ubuseHazelmere Dam. Umbuzo esinawo wukuthi iphi imali ekhishwelwe ukuthi umcimbi ube seMabhida?”
Uthe into yokuqala abazoyibuza uma beqala imihlangano yabo ekuqaleni konyaka ozayo wukuthi ishonephi imali.
“Kuzomele kube khona umuntu olithwalayo icala ngale mali ngoba eyabakhokhibentela. sidukisiwe lapha siwumhlangano satshelwa into engekho,” kusho uMncwango.
Ikhansela le-IFP emkhandlwini weTheku, uMnuz Mdu Nkosi, lithe kuyadumaza ukuthi uSithole abadukise abatshele into engekho.
“Kuzomele siqaphele ngoba kusho ukuthi sihlale sidukiswa yizikhulu ze-ANC emkhandlwini njengoba kwenzekile odabeni lomcimbi we-jazz,” kusho uNkosi.
Ethintwa izolo uSithole, uthe uyaphoxeka ukuthi uMncwango abuze emaphephandabeni angalindi ukuthi umkhandlu uvule bese ebuza konke akufisayo emhlanganweni ofanele.
“Okunye uMncwango unayo inombolo yami, ukuba ubefuna ukwazi ukuthi imali yenzeni ubengangithinta ngimchazele,” usho kanje.
USithole uthe imali abazange bayicelele ukuthi umcimbi uzoba sePeople’s Park kodwa kunezizathu eziningi ezenze bayifune.
“Isizathu sokuqala esenze ukuthi siyifune wukuthi imali inyuswe wukuthi umcimbi usuneminyaka ewu-12 ukhona izindleko zawo ziyakhula nazo. Esinye ngukuheha abavakashi nokuthi uma sebefikile emcimbini bathokoze.”
Uthe bajabule ngokuthi umcimbi wanonyaka uhambe kahle. “Abantu bebegcwele yize kade lina kusho ukuthi imali asizange siyifake emgqonyeni,” kusho uSithole.
Uthe uMncwango ubazi ukuthi umcimbi uzoba seHazelmere Dam ngoba ngoDisemba 23 wahanjiselwa amathikithi ehhovisi lakhe wawathatha.