Bafuna ixoshwe iMeya ‘eyadla imali’

Comment on this story
no molefee Group UNkk Emily Molefe oyiMeya kamasipala waseNquthu osekusuke umsindo ngokungathathelwa kwakhe izinyathelo ngemuva kokutholwa enecala lokuthatha imali kamasipala wayotetemuka ngayo eMangaung ekuqaleni kwalo nyaka.

CELANI SIKHAKHANE

SEKUQUBUKE imvunge ngokungathathelwa izinyathelo kweMeya yaseNquthu esolwa ngokuthi yasebenzisa budedengu imali kamasipala itetemuka emcimbini kaKhongolose wokugubha iminyaka eyikhulu owawuseMangaung ekuqaleni konyaka.

Lokhu kulandela okutholwe uhlaka olubhekele ukuphathwa kwezimali kumasipala iMunicipal Public Account Committee (MPAC) ukuthi uNkk Emily Molefe wasebenzisa imali ebalelwa ku-R13 000 elele ehhotela ehamba nonogada bakhe.

Lesi simo sesidale ukuthi kubekhona abaholi abangaphakathi kumasipala abafaka ingcindezi yokuthi kungani uNkk Molefe engaxoshwa noma akhokhe le mali.

“Izinto zimbi ngoba kumanje nathi ebesiqhuba uphenyo sihlalele ovalweni ngenxa yokuthi siyesatshiswa kanti abanye sebeshonile abebeyingxenye yokuphenya lolu daba. Ngisho abaholi abaningi ngaphakathi bayesaba ukukhuluma ngalolu daba yize uphenyo selucacisile ukuthi kwabakhona inkohlakalo ekusetshenzisweni kwale mali,” kusho ilungu lalolu hlaka obeluphenywa ngale mali.

UNkk Molefe kuthiwa watholwa enecala ngoMeyi kodwa akuzange kuthathwe zinyathelo kwaqhubeka kwangathi akwenzekanga lutho.

Okuthuse kakhulu abanye abaholi kuthiwa kube ukushona isigubhukane kukaMnuz Sakhile Mzizi we-ANC obeyilungu lekomiti ebeliphenya uNkk Molefe ngalolu daba futhi obefaka nengcindezi yokuthi kumele esule esikhundleni.

UMzizi kuthiwa yize ebeyi-ANC kodwa ubephoqa ukuthi kube nezinyathelo ezithathelwa uNkk Molefe kanti akuzange kusaphela isikhathi eside ephakamise lokho wabe eseyashona.

Umholi we-NFP kulo masipala uMnuz Zakhele Ngcobo uthe uma engaphawula ngalolu daba kungaba usezifaka enkingeni ikakhulukazi njengoba lusingethwe uhlaka lwezimali.

USomlomo uMnuz Vusimuzi Ntombela uthe ngenxa yezinye zezinto ezazingacaci embikweni ngokusetshenziswa kwale mali yiMeya banxusa ikomiti ebelisingethe lolu daba ukuthi lucubungulisise konke okuhambisana nawo bese uyabuyiswa.

“Okwamanje sisalindile njengoba umbiko ungakabuyiswa, akukho okutheni esizokusho ngoba lolu daba lusesezandleni ze-MPAC esilinde ukuthi isibuyisele uma isiluphothulile,” kusho uNtombela.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.