Bafuna izimpendulo ngabashone beyofesa

Comment on this story
no Cop2Dead

NONTUTHUKO NGUBANE

IMINDENI yabashonile emuva kokugijima kwinhlolokhono yamaphoyisa omgwaqo eHarry Gwala iyavutha ithi ifuna izimpendulo ezizwakalayo ukuthi izingane zayo zibulawe yini.

Isibalo sabashonile sesikhuphukile safika kwabayisishiyagalombili.

La mazwi azwakaliswe yimindeni ehlukene Isolezwe elikhulume nayo emuva kokuthola ukuthi izihlobo zayo zishonile ngenxa yokugijima elangeni elalishisa likhipha umkhovu etsheni ngoLwesine nangoLwesihlanu ngesonto elidlule.

UMnuz Xolani Gumede (29) waseManguzi ube ngowesishiyagalombili kwabahlolela lo msebenzi oshonele esibhedlela sase-Edendale ngoLwesibili.

Wangena esibhedlela kusukela ngoLwesine emuva kokugijima ibanga lika-4km ngemizuzu engu-30.

no cop3Dead

Umndeni kaXolani obusemahhovisi oMnyango wezokuPhepha izolo uthe kuningi osabheke ukuba kuvezwe yilo mnyango ngokwenzekile.

“Sikubheke kakhulu ukuba isigungu esizimele sibheke ukuthi kwenzekani kuze kushone abantu abaningi kangaka. Sifuna ukuthola konke okwenzeka,” kusho uNksz Angela Gumede, ongudadewabo kamufi.

Unina kaXolani, uNkk Thandiwe Gumede uthe ulahlekelwe ngumuntu obeyikho konke empilweni.

“Bese ngisele nezingane ezimbili manje yinye esele. UXolani nguyena obesondla, izingane ezine zonke bezibhekwe nguye ngoba bekunguyena yedwa obebambe itoho. Ngihlukumezeke ngendlela eyisimanga,” kusho uNkk Gumede.

Abanye abashonile emuva kwale nhlolokhono nguMnuz Lenny Nxumalo (28) waseHappy Valley eWoodlands, uNksz Bongiwe Mbatha (29) waseKuvukeni eMnambithi, uMnz Sanele Ngcobo (22) waseSobantu eMgungundlovu noMnuz Senzo Mdlalose waseVryheid (28).

Uyise kaLenny, uMnuz Joseph Nxumalo ukhale ngokungabi bikho kwemizamo umnyango oyenzile ukuhlangabezana nabo wathi ziningi izimpendulo abadinga ukuba uziphendule.

no CopsDead UMNDENI kaXolani Gumede ufuna ikomiti elizophenya lesi sibhicongo sabashone beyofesela ukuba amaphoyisa omgwaqo liphume nencazelo. Kusuka ngakwesokunxele uMnuz Sibongiseni Mhlongo, umama kaXolani uNkk Thandiwe Gumede nodadewao kaXolani uNksz Angela Gumede Isithombe: SHAN PILLAY

“Ngifuna incazelo ngokwenzekile ngengane yami. Kumanje ngifisa ukuyingcwaba ngoMgqibelo kodwa anginayo imali, akukho nosizo esengike ngaluthola. Inhliziyo yami ibuhlungu kakhulu ngengane yami ngoba iyona ebisondla ekhaya,” kusho uNxumalo.

UBongiwe obondla izingane zakubo ezingaphezu kwezinhlanu, ezikadadewabo neyakhe, umndeni wakhe nawo uthe ufisa ukuthola incazelo ngokwenzekile.

Ugogo kaBongiwe uNkk Mhlophe Thwala uthe balahlekelwe yithemba labo lokugcina.

“Sifuna ukuthola ukuthi kwenzekeni njengoba ingane iphume iyofuna umsebenzi kodwa yabuya isiyisidumbu,” kusho uNkk Thwala.

Ubabekazi kaSanele naye ukhale esifanayo wathi balinde ukuzwa ngophenyo ukuthi kwenziwa yini ukuthi abantu abangu-15 000 bagijinyiswe ngosuku olulodwa banganikezwa namanzi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.