Bafuna kuboshwe abalaxaze izincwadi

Comment on this story
no Copy of ST_sa nu Motshekgaa0_COUNTRY_E1 INLSA Nkk Angie Motshekga

KUMELE ziboshwe izinkampani ezilaxaze izincwadi obekumele zithunyelwe ezikoleni zaseLimpopo. Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga izolo.

“Sibona ukuthi lesi senzo sihambisana nokucindezela, ngakho sinxusa amaphoyisa ukuba abophe labo abathintekayo,” kusho uNgqongqoshe esitatimendeni.

Uthe kunethimba eselithunyelwe eLimpopo ukuyophenya ngale nkampani ebinikwe umsebenzi wokuhambisa izincwadi. Izobekwa amacala uma kutholakala ukuthi kukhona lapho yaphambuka khona. UNgqongqoshe uthe lezi zincwadi bezingeyona ingxenye yomyalelo wenkantolo wokuba kuthunyelwe izincwadi eLimpopo ngoJuni 27. Ngeledlule izinkampani ezinikwe umsebenzi wokuthumela izincwadi eLimpopo zihlulekile ukugcina lesi sithembiso nakuba uMnyango wawuthembise ukuthi uzosilungisa lesi simo. Abafundi ezikoleni ezithile eLimpopo sekuphele izinyanga eziyisithupha bengenazo izincwadi ngoba uMnyango wehluleka wukufaka ama-oda kusenesikhathi.

UNgqongqoshe uthe ezinye ezinkampani bezinezinhloso zokwenzela phansi uMnyango wakhe.

Imibiko yangeSonto iveze ukuthi uNgqongqoshe angase abhekane nokuthi ibhantshi ligcwale umoya ngalesi senzo. Izolo amalungu eDemocratic Alliance (DA) amashele emahhosini ezemfundo eLimpopo ekhala ngokuthunyelwa kwezincwadi sekwedlule isikhathi. I-DA ithe ifuna ukuba izincwadi zika-2013 zihanjiswe ezikoleni ngaphambi kukaNovemba 30.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.