INLSA
Amaqembu aphikisayo eZululand afuna kuphenywe isikhwama sikaNkk Zanele Magwaza-Msibi.
CELANI SIKHAKHANE
AMAQEMBU aphikisayo eMkhandlwini waseZululand afuna kube nophenyo ngesikhwama sikaNkk Zanele Magwaza-Msibi ukuthi ngabe akukho yini lapho esesike sahlomula khona ngezimali zalo masipala ngemuva kokuthi kunyamalale imali engu-R3.9 million.
Abaholi bala maqembu bakhala ngokuthi ukunyamalala kwale mali kwenzeke ngonyaka odlule kodwa baze baziswa ngesonto eledlule nokwenza basole ukuthi kukhona okushaya amanzi ngoba nabantu abasebenzela lo Mkhandlu baphinde babe yingxenye yalesi sikhwama okuyi-VZ Magwaza-Msibi Foundation.
Ngesonto eledlule kuvele izindaba zokuthi lo Mkhandlu ulahlekelwe yizigidi ezibalelwa kwezintathu zamarandi okunezinsolo zokuthi kukhona owathatha amasheke wawayisa ebhange afakwa kubantu abangafanele.
UMnuz Makhosini Msibi we-ANC uthe okuphinde kubaphathe kabi wukuthi selokhu ephathile uNkk Magwaza-Msibi kulo Mkhandlu amathenda anikezwa izinkampani ezizodwa okungezabantu abangamalungu eNFP.
“Aseneme ngendlela okwenzeka ngayo kulo Mkhandlu, yingakho mina qobo ngifuna kwenziwe uphenyo olusabalele oluzoholela ekutheni kuboshwe abantu abaqhuba inkohlakalo kulo Mkhandlu. Okunye wukuthi ngifuna kucace ukuthi nale ndumezulu yephathi uKaMagwaza-Msibi okuthiwa ubeyenze eNewcastle egubha usuku lwakhe lokuzalwa kumele kuphenywe ngayo ukuthi ngabe akuthintekanga yini izimali zoMkhandlu njengoba izinto zinjena ezimalini eZululand,” kusho uMsibi.
Okukhalisa amaqembu aphikisayo wukuthi abantu abasebenza eminyangweni ebalulekile eZululand yibo abanamandla okusayina konke okuthinta izimali esikhwameni sikaNkk Magwaza-Msibi.
Umholi we-IFP eMkhandlwini uMnuz Sbusiso Nkwanyana uthe okwenza bafune kuphenywe naye uMeya uqobo wukuthi kunenqwaba yabantu beNFP abaqashile, okuyibo abaphethe kwezezimali kulo Mkhandlu.
Eqhuba uthe udaba lokulahleka kwamasheke ka-R3.9 million bathuke sebezwa ngalo ngoba kuthiwa kuzoba nophenyo abangazi nokuthi luzoqalwa nini.
USomlomo walo Mkhandlu uMnuz Mpiyakhe Hlatshwayo uzichithile izinsolo ezibhekiswe kuMeya wathi kuthathwe isinqu-mo sokuthi kubhalelwe ibhange ukuthi libuyise yonke le mali ela-hlekile kuphinde kube nophenyo.
Uveze nokuthi sekutholakele ukuthi la masheke angene kobani futhi kunamacala asevuliwe.
|
|
Services