Gallo Images
Umdlali waseswini weZambia u-Isaac Chansa obanga ibhola noMay Mahlangu weBafana Bafana, kubhekeke asize iChopolopolo idlule kuSudan kwi-quarter final ye-Afcon kusasa ntambama. Isithombe: Gallo Images
INTATHELI YESOLEZWE
UMQEQESHI weZambia uHerve Rernard, uthi kuzomele abadlali bakhe bafele enkundleni ukuze baqede isihlava seminyaka iqembu lihluleka wukungena kuma-semi final e-Africa Cup of Nations (Afcon).
IZambia izodlala neSudan kusasa ngo-6 ntambama emdlalweni wokuqala wama-quarterfinal alo mqhudelwano obanjelwe e-Equatorial Guinea naseGabon.
“Sekuyiminyaka engu-16 iZambia ihluleka wukungena kuma-semi final, sekwanele. Kodwa singajabula kakhulu uma singabuyela eZambia nale ndebe,” kusho uRenard ngokuzethemba.
Uxwayise abadlali bakhe ukuthi bangayithathi kancane iSudan.
“Abafikanga ngephutha lapha (kuma-quarterfinal) bekufanele, ngakho kuzomele siqaphele.
“Sizokwenza konke okusemandleni futhi kuzofanele sifele enkundleni ukuze sidlulele phambili,” kusho uRenard.
Lo mdlalo uzolandelwa owe-Coté de Ivoire neqembu lasekhaya i-Equatorial Guinea ngo-8 ebusuku.
NgeSonto kuzodlala iGabon neMali ngo-5 ntambama bese ulandelwa oweGhana neTunisia.
Amaqembu azodlula lapha azodlala kuma-semi final ngoLwesithathu bese kuthi umdlalo wamanqamu ube ngeSonto elizayo.
Khonamanjalo uClifford Mulenga oxoshwe ekhempini yeZambia ngoba ephule umthetho weqembu, uthe uyakushwama ukuthi wenqabile ukuxolisa kumqeqeshi.
Lo mdlali weBloemfontein Celtic ucashunwe kwelinye lamaphephandaba aseZambia iDaily Mail ethi akazange alithole kwathuba lokuchaza.
“Akusilona iqiniso ukuthi kuthiwe nginqabe ukuxolisa. Ngifuna ukukucacisa ukuthi ngitshelwe ukuthi angihambe ngaphandle kokunikwa ithuba lokuxolisa kuRenard. Kuyadabukisa ukuthi lolu daba seluphume kabi ngathola ukugxekwa,” kusho uMulenga.
Ukhale ngempatho engafani ekhempini yeZambia ethi
kuxoshwa yena nje uFelix Katongo oweqa ekhempini akenziwanga lutho.
“Konke bekuhamba kahle kuze kuba sifika eBata. Bese sihlezi ehhotela ngesikhathi uRenard engibiza wangitshela ukuthi angihambe ngoba ngiyizambane elibolile eqenjini.”
Uveze ukuthi uKatongo weqa ngoMsombuluko ebusuku waze wehluleka wukuvuka ngakusasa.
Kulindeleke ukuthi uMulenga afike namuhla kuleli azohlangana neqembu lakhe iBloemfontein Celtic.
|
|
Services