INLSA
Mnuz Wandile Mkhize
CELANI SIKHAKHANE
UMNDENI kaSotswebhu kaMasipala waseHibiscus Coast, uMnuz Wandile Mkhize (osesithombeni), owasocongwa uthi usulubheke ngabomvu usuku lwangoLwesibili okuzobe kuvela ngalo umuntu okuthiwa uyathinteka kulesi sigameko ukuze ukwazi ukumbona ngoba awukaziswa ngaye.
Umfowabo kaMkhize, uMnuz Nkosi Mkhize, uthe okwamanje amaphoyisa asaligodlile ulwazi ngalo msolwa futhi abakaziswa njengomndeni ukuthi ungubani yingakho sebelinde usuku lwasenkantolo.
“Njengamanje asimazi ukuthi ungubani kodwa sizwile ukuthi ukhona umuntu oboshiwe kanti sesithembe ukuthi siyoze sikwazi ukumbona ngalo lelo langa enkantolo ukuthi ungubani,” kusho uMkhize.
Echaza uthe baningi abantu abathole ukuthi sebeke baphekwa ngemibuzo mayelana nokufa kukamfowabo.
UMkhize wasocongwa ngempelasonto ayebuya ngayo engqungqutheleni yenqubomgomo kaKhongolose eyayiseGallagher Estate, eGoli. wahlaselwa ngamadoda angahlonzwanga ehamba nomngani wakhe obeyikhansela naye ogcine eshonele esibhedlela.
Selokhu kukhona oboshiwe akekho kwabomthetho ofuna ukuphumela obala. AboMnyango wezokuPhepha esifundazweni kuthe uma bebuzwa bathi akuthintwe amaphoyisa ngoba yiwo angaba nolwazi.
Bakusho lokhu ngemuva kokusabalala kwamahlebezi okuthi oboshiwe ungomunye wabaholi abaqavile eLower South Coast ku-ANCYL. Kuthiwa ubanjwe amaphoyisa emzini wakhe nenqwaba yezibhamu.
Selokhu eboshiwe amaphoyisa awathandi ukukhipha imininingwane ngaye ngoba akholwa wukuthi lokhu kuzobeka uphenyo engcupheni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe ngenxa yokuthi lolu daba lubucayi nomphenyi wecala unxuse ukuthi kungabibikho ulwazi abalunekela abezindaba okwamanje ukuze kuqhubeke uphenyo.
“Esingakusho wukuthi ngenxa yokuthi leli cala libucayi futhi noboshiwo ungumholi ophezulu kwezepolitiki sithathe isinqumo sokuthi kungabibikho esingakusho okwamanje. sinxusa ukuba abezindaba balinde kuze kube sikhipha ulwazi olugcwele ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uZwane.
Selokhu ebulewe uMkhize kunezinsolo zokuthi umkhuba ungaphakathi eqenjini njengoba lokhu kuke kwagqama nangesikhathi kwakunenkonzo yakhe yomngcwabo lapho abaholi be-ANC, okubalwa kubo noMengameli Jacob Zuma babekhombisa ngezinkulumo ukuthi konke okwenzekile bakusola ngaphakathi kule nhlangano.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services