.
UNKK Zamakhosi Mdlalose ecula nabantu akade behambele imashi ye-AHF benxusa uhulumeni ukuba afake imali ezinhlelweni ze-HIV
BONISWA MOHALE
noMAHLOHONOLO LAKAJE
KUME nse ukuhamba kwezimoto emgwaqeni uDr Pixley kaSeme, eThekwini ngesikhathi amalungu e-Aids Healthcare Foundation (AHF) emashela ukuba ohulumeni bamazwe baxhase izinhlelo zokuhanjiswa kwemishanguzo ye-HIV.
Le mashi iqale ngo-10.30 ekuseni isuka epaki kaBotha neNkosi uDinizulu eThekwini yaze yayophelela eCity Hall.
Amalungu e-AHF abesuka eThembalabantu Clinic, eMlazi, okungumtholampilo osebenzisana nale nhlangano, ebezwakalisa ilaka lawo ngokumiswa koxhaso lwezimali ezisiza ohulumeni ukuba basabalalise imishanguzo.
Ngokusho kukaNkk Zamakhosi Mdlalose obhekelele ezokuxhumana kwa-AHF le mashi igqugquzela ohulumeni bamazwe ukuba baqhubeke nokutshala imali ezinhlelweni ze-HIV.
IZINTOMBI nto beziyingxenye yemashi yokucela uhulumeni ukuba axhase izinhlelo zokuletha imishanguzo ye-HIV kubantu. Izithombe: SIPHEPHELO NTULI
.
Uye waveza ukuthi sekukhona izibhedlela ezingasayikhiphi imishanguzo njengoba zithi iphelile.
Uthe uma imishanguzo ingekho kusho ukuthi baningi abantu abazoshona nezingane ezizosala zingenabani.
Amazwi akhe ananelwe ngu-Amanda Zindela obeyingxenye yentsha yaseMlazi ebihambele le mashi, othe bafuna ukuthi uhulumeni nezinhlangano ezinemali zibone ukuthi isimo sishubile.
“Kuyimanje sigqugquzela abantu ukuba basazi isimo sempilo bayohlola igazi. Uma sebehlolile imishanguzo ingekho sithi mabenzenjani. Yingakho-ke namhlanje simasha sicela uhulumeni nezinye izinhlangano ukuba baqhubeke nokuxhasa izinhlelo eziletha imishanguzo kubantu,” kusho uNksz Zindela.
Uthe uma luphela uxhaso lokuletha imishanguzo kuyafana nokuthi abantu abane-HIV banikezwa isigwebo sentambo ngoba angeke besalithithibalisa ngalutho igciwane.
Abantu bebephethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi Keep the Promise on HIV&AIDS, Treatment Saves Lives nokunye okuningi.
UDkt Duvai Mukuvisi we-AHF unxuse labo abasezikhundleni kuhulumeni, osomabhizinisi nabantu abakwazi ukushintsha isimo ukuba benyuse imali efakwa ezinhlelweni ze-HIV.
Uthe kuyadabukisa ukuthi imali yokuletha imishanguzo kubantu yehlile okwenza kube nzima ukuthi abantu bathole amaphilisi okulwa negciwane.
Imashi yabo ibinendikimba ethi Keep the Promise on HIV, okusho ukuthi makugcinwe isethembiso nge-HIV.
Leso sithembiso bathi kwakuwukunikeza wonke umuntu onaleli gciwane imishanguzo yokulithithibalisa mahhala.
Uye waveza ukuthi ngo-Julayi 22 amalungu abo azoya eWashington lapho ezohlangana nezinye izinhlangano kukhukhulelangoqo wemashi yokucela ohulumeni ukuba bafake imali yemishanguzo.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services