NGESIKHATHI ngithola isitatimende ebesivela kwa- Toyota esikhuluma nge Toyota Avanza entsha ezinsukwini ezedlule, ayikho into engifikele emqondweni wami ngaphandle kokuncoma le nkampani yaseJapan ngokuthi isikhombisa ukuvuthwa manje. Phela uma ungumlandeli wezimoto uzokhumbula ukuthi i-Avanza yokuqala yakhishwa ngoNovemba 2006 yethulwa khona lapha KwaZulu-Natal ngaphandle kwaseHluhluwe.
Okwenza ngithi sebeqala ukuvuthwa kwaToyota yingoba sekubathathe iminyaka emihlanu ngaphambi kokuba baphume ne- Avanza entsha, okuyinto abangajweyele ukuyenza. Ngokwejwayelekile le nkampani idume ngokuyipheka ngomhluzi wenye njengoba bekhipha imoto emuva kwenye esikhathini esifushane.
Angingabazi ukuthi ukwethulwa kwalolu hlobo lwe-Avanza kuyizindaba ezimnandi “komalume” negenge ephantayo ngoba iyakwazi ukulayisha umthamo ohlakaniphile wabantu, kanti nezihlalo zakhona ziyakwazi ukulala kwande nesikhala sokulayisha impahla. Nalena entsha isaphuma nazo izihlalo eziyisikhombisa.
KwaToyota bathi kule Avanza abagabeli nje kuphela ngokwethembeka, kodwa badlise nangesitayela, ukuvuleka ngaphakathi kanye nobuntofontofo.
OKUNYE OKUSHINTSHILE KWI AVANZA
Indlela eyakhiwe ngayo ngaphandle nangaphakathi bayishintshile balithuthukisa izinga. Noma ngingeke ngaphawula kakhulu ngobuntofontofo ababushoyo kulena entsha, ngoba lena endala akuhlukile nokuthi uhleli esigqikini uma uhamba ngayo.
KwaToyota bathi bazandisile izindawo zokubeka impahla namakhosombe kwi-Avanza entsha. Ngakwezokuphepha bathi balinyusile izinga, kanti lena entsha isiyawonga upetrol futhi nasemgwaqeni iyabambelela.
Ngokusho kwabakwa Toyota le Avanza eyi-second generations MPV ayinayo imbangi ngqo kulesi sigaba sezimoto. Ihlukene ngezinhlobo ezintathu kukhona eyi S esesigabeni esiphansi emalokishini abathi yilolu hlobo olubandayo, ilandelwe yi SX ephakathi nendawo bese kuvala i-TX.
Uma uyibhekisisa kahle ngaphambili uzobona ukuthi bayishintshile njengoba besebenzise yona ukuveza ubuso obusha bezimoto zabo. Kuzo zonke izinhlobo igrille igqize ngombala ofanayo nomzimba wemoto ngaphandle kwe TX egqize nge chrome yase iphuma namalambu enkungu. Abagcinanga lapho iphinde yagqiza nge chrome ende ngaphezulu kwe-number plate, kanye ne-spoiler osibona kalula uza le kude ngoba sithe chwa phezulu esicabheni sangemuva.
IZINHLOBO ZEZINJINI
Kukhona izinhlobo ezimbili zezinjini okuyi 1.3 litre ne 1.5 litre ezisebenzisa upetrol. Noma lungekho ushintsho olutheni ezinjinini uma kuqhathaniswa ne- Avanza endala, kodwa isisindo sale moto basehlisile ngo 20kg. Azidli kakhulu ku-petrol ngoba injini engu 1.3 litre isebenzisa amalitha angu 7,7 ngo 100km, bese kuthi i-1.5 automatic isebenzise angu 7,6 ngo 100km, kanti eshintshwayo idla upetrol ongu 7,2 wamalitha ngo 100km.
Injini engu 1.5 litre ikhiqiza amandla angu 76kW kanye ne torque engu 136Nm bese kuthi lena engu 1.3 litre ibe namandla angu 67kw kanye ne torque engu 117Nm. Isiteringi sakhona esiyi Hydraulic Power Steering basishintshile bafaka i-Electric Power Steering (EPS)
Kwezokuphepha zonke izinhlobo ziphuma ne ABS (Anti-lock Brake System) with EBD (Electronic Brake force Distribution). Ngaphezu kwalokho kunama airbag ngaphambili nasezinhlangothini.
AMANANI
Avanza 1.3 S – R155 900 (incl. VAT and emissions’ tax)
Avanza 1.3 SX – R168 800
Avanza 1.5 SX – R175 500
Avanza 1.5 SX AT – R189 600
Avanza 1.5 TX – R202 200
Amanani ahambisana neService Plan yeminyaka emine emuva kuka 60 000 km Toyota Care Service Plan, kanye ne-warranty yeminyaka emithathu emuva kuka 100 000km.
|
|
Services
Comment Guidelines