Gallo Images
AKAKUFIHLI nakancane umqeqeshi weThanda Royal Zulu uNeil Tovey ukuthi usigaqele ngabomvu isikhundla sokuba yiphini likaGordon Igesund kuBafana Bafana. Isithombe: GALLO IMAGES
MALIBONGWE MDLETSHE
noMINENHLE MKHIZE
USEPHUMELE obala ngokufuna isikhundla sokuba yiphini lomqeqeshi weBafana Bafana uNeil “Mkhukhu” Tovey ongomunye wabaqeqeshi abane abahlulwe nguGordon Igesund oqashwe ngoMgqibelo njengomqeqeshi omusha.
UTovey, ohlulwe nawukufaka iThanda Royal Zulu ku-Absa Premiership, uthe nakuba engekho oseke wakhuluma naye ngawo kodwa angawugxumela lo msebenzi uma engase awunikwe.
“Ngingasukumela phezulu uma kungathiwa ngiyawunikwa lo msebenzi kodwa bengingakathintwa muntu mayelana nawo. Okwamanje ngihalalisela uGordon ngimfisele nenhlahla ngoba ngiyawuqonda umsebenzi onzima abhekene nawo,” kusho uTovey.
Isikhundla sozokuba yisekela lika-Igesund sesimataniswe nabaqeqeshi abaningi njengoba kusekhona noSteve Komphela okhale ngaphansi kuka-Igesund.
Imibiko ihlanganisa lo mqeqeshi nokuba yisekela noma aqashwe yiSafa njengomqondisi wethimba losomaqhinga kule nhlangano.
UKomphela akatholakalanga ukuziphawulela ngekusasa lakhe njengoba sekucaca ukuthi ngeke esaqhubeka nomsebenzi wakhe kuFree State Stars, eveze ukuthi izomemezela umqeqeshi omusha maduze.
Kodwa uTim Sukazi ophethe izindaba zalo mqeqeshi uthe: “ISafa ayikaze isithinte mayelana noKomphela. UKomphela angathanda ukusiza isizwe nanoma ngayiphi indlela angalekelela ngayo. Uma kuthiwa akasize uGordon Igesund angakwenza lokho kodwa isinqumo silele kuye (u-Igesund) ukuthi ufuna ukulekelelwa ngubani. Okwamanje (uKomphela) usengumqeqeshi weStars ngoba usalelwe yinkontileka yeminyaka emibili.”
Amanye amagama avelayo kwabangase balekele u-Igesund kuthushuka nelikaDoctor Khumalo, Fani Madida noLucas “Rhoo” Radebe othishwa ekubeni yimenenja yeBafana.
URadebe uthe akekho oseke wamthinta kuSafa ngomsebenzi angase anikwe wona.
“Anginalo noluncane ulwazi ngaleyo ndaba. Nami ngizwa kushiwo nje. Ngike ngakhuluma noRobin Peterson (isikhulu esiphezulu kuSafa) ngimbuza ngalo wathi naye akazi lutho,” kusho uRadebe izolo ntambama.
Uthe ngeke aze aphawule ngokuthi angafisa noma cha ukuthola isikhundla kuBafana kuze kube khona okubambekayo.
Kanjalo noMadida oyiphini lomqeqeshi kuMaZulu uthe amahlebezi akazi lutho ngawo ukuthi uphakanyiswe ngu-Igesund njengelinye lamasekela akhe.
Imizamo yokuthola ukuphefumula kweSafa ayiphumelelanga njengoba ucingo lukaRobin Petersen (isikhulu esiphezulu), Kirsten Nematandani (umengameli), Domini Shimavi (okhulumela iSafa) bezikhala zingabanjwa.
n Khonamanjalo kulindeleke ukuba esule namuhla uStan Matthews oyisikhulu esiphezulu sePremeir Soccer League.
UMatthews unezinyanga ezinhlanu ethathe lesi sikhundla kuZola Majavu osule esasibambe izinyanga ezintathu ngemuva kokusithatha kuKjetil Siem.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services