NONTUTHUKO NGUBANE, ZODWA NDABA noMTHOKOZISI MNCUSENI
B ABUYELE emakhaya begezeke igilo abathandi bomjaho iComrades baKwaZulu-Natal kulandela ukugila izimanga kwabasubathi bakulesi sifundazwe abayishaye bephindelela intambo okuyinto engakaze yenzeke kowangonyaka odlule.
UBongumusa Mthembu ophume endaweni yesithathu, uSiphiwe Ndlela wangena waba owesikhombisa, uMncedisi Mkhize waphuma endaweni yeshumi, kwase kuthi uFikile Mbuthuma wagqiba ihlazo kwabesifazane bebala elimnyama engena endaweni yesishiyagalombili.
Kweyangonyaka odlule iComrades eyayisuka eThekwini iyophelela eMphithi kwavalwa ngehlahla kwabaseKZN njengoba bengazange babonakale nangokhalo ngaphandle kukaThuso Mosiea owalala endaweni yeshumi.
UMthembu obevikela isicoco somjaho owehlayo asinqoba ngo 2014 uthe ujabule ngesikhathi asiqophile kanye nendawo aphume kuyo yize engakwazanga ukuvikela isicoco sakhe.
“Umjaho uhambe ngendlela ebengihlele ngayo. Bengazi ukuthi bekumele ngisebenze kanzima ngoba amehlo abethe njo kimina. Kusheshe kwangicacela ukuthi umjaho uyashesha zisuka nje. Ngeneme ngesikhathi engisishayile lapha. Yize umjaho ubunzima futhi ushesha kodwa lokho akuzange kungiphoqe ukuthi ngisuke ezinhlelweni zami. Sihle kakhulu isikhathi engisishayile uma usibheka kodwa futhi ngiyavuma ukuthi abasubathi ababili abangene phambi kwami bebeseqophelweni elingcono kunami,” kusho uMthembu.
UNdlela (27) waseXobho obegijima umjaho wakhe wasithathu uthe umjaho ubeyikho konke abekulindele.
“Umjaho wami ubumuhle kakhulu njengoba ngo-2015 ngenze u-5:46 kulokhu ngikwazile ukwenza kangcono ngiqopha u-5:36. Lokhu kungabukeka sengathi yisikhathi esincane kodwa kwezokugijima side futhi singajabulisa nanoma yimuphi umsubathi. Ngibone ku-Old Mutual Two Oceans ngiphuma endaweni yeshumi ukuthi kuComrades ngingakwazi ukwenza kahle. Ngonyaka ozayo ngibheke ukushaya indawo yokuqala,” kusho uNdlela
Lo msubathi uthe kubalulekile ukuthi abasubathi baziqeqeshe ngendlela njengoba enzile washiya ekhaya wayoziqeqesha eDundee.
Kubajabulise abantu bakulesi sifundazwe ukuphinda babone uMkhize eshaya intambo nabokuqala abayishumi kwazise ubengabonwa nangokhalo ngonyaka odlule.
UMbuthuma uthe uzizwa ehloniphekile ukuthi ungene kwabalishumi abahamba phambili.
“Ngizwe abantu bengijabulela endleleni bengitshela ukuthi ngisendaweni yesishiyagalolunye kodwa ngingakholwa. Lokhu kungifake umfutho ngabona ukuthi ngisethubeni lokuthi ngitholele abesifazane bebala elimnyama igolide. Ngaphandle kokuwinela abesifazane leli golide nakumina bekuhlale kuyiphupho lami ukuhlabana ngale ndondo. Okungijabulisa kakhulu wukuthi lapho ngizalelwa khona eMthwalume kunezingane eziningi ezingitshela ekhaleni ukuthi zifuna ukufana nami uma sezizindala. Ngicabanga ukuthi lokhu engikwenzile kuzozigqugquzela,” kusho uMbuthuma.
UMbuthuma ungowokuqala kwabesifazane bebala elimnyama eKZN ukuthi athole indondo yegolide kuComrades.
IZIKHATHI ZABESIFAZANE:
1. Charme Bosman 06:25:55
2. Caroline Wostmaann 06:30:44
3. Kajsa Berg 06:39:04
4. Sarah Bard 06:42:35
5. Yolande Maclean 06:43:24
6. Karry-Ann Marshall 06:48:51
7. Colleen De Reuck 06:50;21
8. Fikile Mbuthuma 06:56;32
9. Julanie Basson 06:58;10
10. Salome Cooper 07;01:02