Bagqekeze inkulisa bazikhulula kuyona

Comment on this story
NO creche1 INLSA UMPHATHI wenkulisa, uNksz Nomali Nkabinde, ehlola umonakalo odalwe yizigangi ezigqekeze inkulisa. Isithombe: PATRICK MTO

LUNGI LANGA

Izigilamkhuba zigqekeze inkulisa iLindokuhle Creche eRichmond Farm maqede zazikhulula emabhakedeni okudlala izingane zawashiya khona lapho.

Lesi senzo sishiye izisebenzi zasenkulisa zishaqekile zingazi ukuthi zizothathani zihlanganise nani ngoba inkulisa ibimapeketwana.

Umphathi wale nkulisa, uNksz Nomali Nkabinde, uthe babone ngesonto ukuthi kukhona umonakalo owenzekile kule nkulisa.

“Ngivame ukudlula enkulisa uma kukhona lapho engiya khona ngoba kuseduze nalapho engihlala khona. Kepha kuthe uma ngidlula khona ngeSonto ekuseni ngabona ukuthi kugqekeziwe,” kusho uNksz Nkabinde.

Uthe namanje basashaqekile ngokuthi ngubani obengagqekeza inkulisa aze athathe ngisho izincwadi zezingane zokufunda.

Kukho konke lokhu okubathuse kakhulu wukuthi laba abagqekeze inkulisa bazikhululele emabhakedeni okudlala izingane bashiya bengcolisile.

“Asikaze sibhekane nenkinga efana nale kusukela saqala ukusebenza kule nkulisa eminyakeni engamashumi amathathu edlule. Sisazibuza namanje ukuthi kungani abantu benza into efana nale,” kusho uNksz Nkabinde.

Enkulisa bekukhona amabhakede amathathu abenendle kanti phansi bekuchithwe nopende wokudlala izingane. Konke okuyizincwadi bekusakazwe phansi.

UNksz Nkabinde uthe bafike kuthathwe ifriji elisetshenziswa kule nkulisa, amakhompyutha, izincwadi zezingane kwaze kwathathwa namathoyizi ezidlala ngawo.

UNkk Ntombiyenkosi Zungu, omunye wothisha kule nkulisa, uthe sebekhethe ukubiza umhlangano womphakathi ozoba ngeSonto okuzodingidwa kuwo lesi sigameko.

“Asinabo onogada kule nkulisa, sithembe amalungu omphakathi ukuthi abe ngamehlo ethu uma singekho kuyo nezingane. Kusiphatha kabi uma sekwenzeka into efana nale,” kusho uNkk Zungu.

UNksz Zanele Busane, umzali wengane efunda kule nkulisa, uthe nabo bakhathazekile ngokugqekezwa kwenkulisa ngoba abanayo enye inkulisa eseduze abangayisa kuyo izingane zabo.

Le nkulisa kuthiwa isiza izingane ezilinganiselwa ku-100 eziqhamuka ezindaweni ezakhelene neRichmond Farm.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.