Bagqugquzele amantombazane ngokuziphatha

Comment on this story
no pantans hill8 INLSA BEZIHLOBE zizinhle izintombi kuzovulwa igatsha lokuhlolwa kwezintombi elibizwa ngoBuhle bezintombi ePuntan's Hill eSpringfieldISITHOMBE: NQOBILE MBONAMBI

MINENHLE NTOMBELA

ABAZALI bagqugquzelwe ukuba bazinake izingane zabo ukuze kuvinjwe ukukhulelwa kwazo zisafunda isikole.

Lokhu kwenzeke ngenkathi kuhlangene umphakathi wasePuntan’s Hill eSpringfield kuzovulwa igatsha lokuhlola izintombi ezivivela uMkhosi woMhlanga.

Muva nje uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu Natal, uMnuz Senzo Mchunu, ukhiphe umbiko ngesibalo esidlondlobalayo sabafundi abakhulelwe kulesi sifundazwe.

Babalelwa ku-13 000 abafundi abakhulelwe nyakenye ezikoleni zesifundazwe, kanti kumanje esifundeni uThungulu babalelwa ku-400 abakhulelwe. Laba bazali bathi mazibuye emasisweni, kubuye ukuhlolwa kwezintombi ukuze izingane zamantombazane zizigqaje ngokuzigcina ukuze zivikeleke ezifweni nasekukhulelweni.

UNksz Zandile Hlophe, ongomunye wabazali, uthe sekuyinjwayelo ukubona izingane ezincane zizithwele okuyinto okungafanele engabe iyenzeka emiphakathini.

no pantans hill6 ZIFIKE ngobuningi bazo izintombi ziphelezelwa ngabazali bazo kuyovulwa igatsha lokuhlolwa kwezintombi ePuntans Hill eSpringfield eThekwini ngempelasonto. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI INLSA

Uthe njengoba beqala leli gatsha baqeda lesi sihlava sokukhulelwa kwentsha isencane futhi imizamo yabo njengabazali ukuvikela izingane ezifweni.

Phezu kwalokhu uthe banezinhlelo zezemidlalo ukuze uma bephuma esikoleni bangalitholi ithuba lokuzibandakanya emikhubeni engasile.

“Mihla namalanga sibuka izingane ziqhuba izisu zigqoke imifaniswano yesikole okuyinto engeyinhle. Sivuselela isiko lethu lezintombi ezihlolwayo ngoba sibona ukuthi iyona ndlela efanele ukuvikela nokuhlomisa izingane zethu,” usho nje.

UNokulunga Zulu (21) ofunda esikhungweni semfundo ephakeme uthe amantombazane asemancane kusezandlelni zawo ukuzivikela nokuqiniseka ukuthi anekusasa empilweni.

“Ngiyazi ukuthi ngibukeka njengomuntu ongekho esitayeleni ngoba ngingakwenzi okwenziwa ontanga bami kodwa ngiyazi ukuthi njengoba ngizithibile, ngivikelekile. Okwamanje ngibheke izifundo zami ukuze ngibe nekusasa kanti nomzali wami uyangeseka,” usho kanje.

UNtombilenhle Gudlana (15) owenza uGrade 10 uthi unabangani abanezingane, kanti yena akaziboni ephula isethembiso sokuzigcina.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.