Bagxeka uCele ngokuseka awakwaKito

Comment on this story
no Bhizaaa . OBENGUMKHUZI wamaPhoyisa owaxoshwa uGeneral Bheki Cele obesecaleni lamaphoyisa akaKito abhekene noxhaxha lwamacala okubalwa awokubulala

SIMPHIWE NDWANDWE

KUSHIYE imibuzo ukubonakala enkantolo yaseThekwini kwalowo owayenguMkhuzi wamaphoyisa kuleli owaxoshwa, uMnuz Bheki Cele (osesithombeni), obeyokweseka amaphoyisa angu-18 akwaKito aboshwe ngoLwesithathu ngezinsolo zokuba ngomashayabhuqe.

UCele utheleke eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ehamba yedwa waqonda lapho kuzoqulwa khona icala lala maphoyisa.

Yize uCele ekhiphe isitatimende ngemuva kokubonakala kule nkantolo lapho ebecacisa khona ukuthi weseka la maphoyisa ngoba engumuntu owejwayelekile oweseka umsebenzi abewenza wokulwa nezigebengu ezingenanembeza, i-DA imhlabe yamhlikiza.

USihlalo weDA esifundazweni, uMnuz Sizwe Mchunu, uthe sekuyikhathi sokuthi uCele aphumele obala angalokhu ecasha ngesithupha atshele izwe ukuthi uhlanganiswa yini nabantu abasolwa ngobugebengu.

“Akuqali manje ukuthi uCele ahlanganiswe nabantu abasolwa ngobugebengu noma abathinteka emacaleni abucayi. Sizokhumbula ukuthi igama lakhe lathinteka kusomabhizinisi uMnuz Sfiso Zulu. Wabuye wabonakala futhi kuyo leya nkantolo eyokweseka umndeni wakwaMpisane obhekene namacala athinta intela,” kusho uMchunu.

Copy of Copy of nm copcase12 OBENGUMKHUZI wamaPhoyisa owaxoshwa uGeneral Bheki Cele obesecaleni lamaphoyisa akaKito abhekene noxhaxha lwamacala okubalwa awokubulala. Isithombe: Terry Haywood inlsa

Uthe leli qembu likholwa wukuthi kukhona okufihlekile okuhlanganisa uCele nabasolwa ngobugebengu lase linxusa ukuthi aphumele obala asho ukuthi unabuhlobo buni nabo.

UMchunu uthe bakhathazekile ngoba lokhu akwenzayo kuthumela umyalezo oshayisanayo emphakathini njengoba ayekade ephikisana nobugebengu esenguKhomishana kodwa muva nje uphuma engena ezinkantolo eyokweseka abantu abasolwa ngobugebengu.

Echaza ngokubonakala kwakhe enkantolo uCele uthe akufanele kubhekwe ukuthi naye weseka lokhu ababakwenza kodwa ukholelwa ekutheni umuntu obekwe icala umsulwa aze atholakale enecala yinkantolo.

UCele ucele abantu ukuba baphume ngezinkani ukuyokweseka la maphoyisa waze wagcizelela nokuthi sengathi singanda nesibalo sabajoyina ikhasi le-Facebook elikhombisa ukweseka la maphoyisa asolwa ngokuthela phansi ngenhlamvu kubasolwa ngokungekho emthethweni.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.