Advertisement
X

Bagxeka uCele ngokuseka awakwaKito

SIMPHIWE NDWANDWE

KUSHIYE imibuzo ukubonakala enkantolo yaseThekwini kwalowo owayenguMkhuzi wamaphoyisa kuleli owaxoshwa, uMnuz Bheki Cele (osesithombeni), obeyokweseka amaphoyisa angu-18 akwaKito aboshwe ngoLwesithathu ngezinsolo zokuba ngomashayabhuqe.

OBENGUMKHUZI wamaPhoyisa owaxoshwa uGeneral Bheki Cele obesecaleni lamaphoyisa akaKito abhekene noxhaxha lwamacala okubalwa awokubulala

UCele utheleke eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ehamba yedwa waqonda lapho kuzoqulwa khona icala lala maphoyisa.

Yize uCele ekhiphe isitatimende ngemuva kokubonakala kule nkantolo lapho ebecacisa khona ukuthi weseka la maphoyisa ngoba engumuntu owejwayelekile oweseka umsebenzi abewenza wokulwa nezigebengu ezingenanembeza, i-DA imhlabe yamhlikiza.

USihlalo weDA esifundazweni, uMnuz Sizwe Mchunu, uthe sekuyikhathi sokuthi uCele aphumele obala angalokhu ecasha ngesithupha atshele izwe ukuthi uhlanganiswa yini nabantu abasolwa ngobugebengu.

“Akuqali manje ukuthi uCele ahlanganiswe nabantu abasolwa ngobugebengu noma abathinteka emacaleni abucayi. Sizokhumbula ukuthi igama lakhe lathinteka kusomabhizinisi uMnuz Sfiso Zulu. Wabuye wabonakala futhi kuyo leya nkantolo eyokweseka umndeni wakwaMpisane obhekene namacala athinta intela,” kusho uMchunu.

Uthe leli qembu likholwa wukuthi kukhona okufihlekile okuhlanganisa uCele nabasolwa ngobugebengu lase linxusa ukuthi aphumele obala asho ukuthi unabuhlobo buni nabo.

UMchunu uthe bakhathazekile ngoba lokhu akwenzayo kuthumela umyalezo oshayisanayo emphakathini njengoba ayekade ephikisana nobugebengu esenguKhomishana kodwa muva nje uphuma engena ezinkantolo eyokweseka abantu abasolwa ngobugebengu.

Echaza ngokubonakala kwakhe enkantolo uCele uthe akufanele kubhekwe ukuthi naye weseka lokhu ababakwenza kodwa ukholelwa ekutheni umuntu obekwe icala umsulwa aze atholakale enecala yinkantolo.

UCele ucele abantu ukuba baphume ngezinkani ukuyokweseka la maphoyisa waze wagcizelela nokuthi sengathi singanda nesibalo sabajoyina ikhasi le-Facebook elikhombisa ukweseka la maphoyisa asolwa ngokuthela phansi ngenhlamvu kubasolwa ngokungekho emthethweni.

SHOW ALL
Advertisement