Bahamba beyogilosa abaphindanga babuya

Comment on this story
no mbuyazi UMNUZ Thulani Mbuyazi odukelwe umndeni wakhe nocela ukufuniswa indodana yakhe uThando Mbuyazi nonina wayo uNksz Nomfundo Mwandla Isithombe: BONGIWE ZUMA

BONGIWE ZUMA

UDIDEKILE umlisa waKwaBester, eNanda, kulandela ukunyamalala kwendodana yakhe nonina wayo abahamba beyothenga ukudla ngoLwesithathu olwedlule kodwa kuze kube yimanje abakaze babuye ekhaya.

UMnuz Thulani Mbuyazi (34) uthe uNksz Nomfundo Mwandla (26) ongunina wendodana yakhe uThando Mbuyazi (9) wamshiya endlini ekuseni engakhombisi ukuthi kunento emphethe kabi.

Uthe wamnikeza nemali engu- R1 000 yokuthenga ukudla wayamukela kahle wabashiya ekhaya nengane izolungiselela ukuya esikoleni yena ayothenga yedwa eBridge City.

“Ngokwazi kwami akukho okufanele ngabe kumphethe kabi emoyeni nokungamenza akhethe ukungishiya.

Kuyangithusa ukunyamalala kwabo kangaka, nengane iyasala esikoleni kwazise besiyishintshe nesikole kulo nyaka njengoba seziningi izinsuku ilovile,” kusho uMbuyazi.

no mbuyazi1 UMNUZ Thulani Mbuyazi odukelwe umndeni wakhe nocela ukufuniswa indodana yakhe uThando Mbuyazi nonina wayo uNksz Nomfundo Mwandla. Isithombe: BONGIWE ZUMA BONGIWE ZUMA

Uqhube ngokuthi ngabe akuzweli kakhulu ukuba uNomfundo uhambe yedwa uma bekuwukuthi ubengasakuthokozeli ukuba naye.

Uthe bekufanele akhulume babonisane noma ashiye ingane iqhubeke nesikole.

UMbuyazi uthe usekwenze konke okusemandleni ukubathungatha ngoba ngisho nomdeni kaNomfundo ukhungathekile ngokunyamalala kwakhe nengane kungazwakali mkhondo

UMbuyazi uthe uxhumana nomndeni wakhe cishe zonke izinsuku kodwa akekho onolwazi ngendodana yakhe nonina wayo.

Omakhelwane abambona ngelanga ehamba bathi wabatshela okufanayo nabo wathi usayothenga ukudla eBridge City njengokujwayelekile kodwa wagcina engabuyanga nengane.

UMbuyazi uphethe ngokuthi udaba lwakhe uselubikile emaphoyiseni angazi ukuthi azolusukumela yini abathungathe.

“Lincane ithemba lokusizakala njengoba amaphoyisa engazange angivulele icala lomuntu olahlekile kunalokho angenzele incwadi echaza ngokulahleka kwabo,” kusho uMbuyazi okhathazekile ngomndeni wakhe.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.