.
IJAGUAR XJ ifike yengeza isithunzi ezimotweni ezinomlando zale nkampani. Ihluke kakhulu kwezinye ezisesigabeni sayo
ZIKHONA futhi ziningi izimoto emgwaqeni, kodwa iJaguar uma iqhamuka angeke ungaphenduki nayo. Okudidayo ukuthi noma ngabe isuke isindala kangakanani, kodwa isawajikisa amehlo.
Kwa Jaguar manje sebefike ne- XJ engiyifanisa nebhanoyi laphansi.
Lolu nyazi lwakhelwe phezu kwempumelelo ye-XK ne-XF okuyizinhlobo ezilusikile ukhasi kwa-Jaguar. Ngenye yezimoto zale nkampani ephuma nezicabha ezine njengoba iJaguar idume ngokukhipha uhlobo lwezimoto ezingama sporty, ezidle ngesitayela.
I-XJ iphuma nophahla okwazi ukubona kulo isibhakabhaka uma ungaphakathi olubizwa nge Panoramic glassroof.
Njengokujwayelekile kwa Jaguar benze isiqiniseko sokuthi bayayivula ngaphakathi njengoba kwaziwa ukuthi yimoto yabantu asebekhulile futhi abanemindeni.
Ibhuthi yakhona ingudedangendlale ngesikhala esingu-520 litres esingalayisha izikhwama ezimbili ezinkulu nezegalofu. Ziningi izinto eziwubuchwepheshe ezihlelwe kabusha kule Jaguar njenge Air suspension, Adaptive Dynamics, Active Differential Control, isiteringi sakhona esiphenduka eduze.
Kukhona izinhlobo ezihlukene zezinjini kusuka kwi Premium Luxury ne Portfolio
3.0 litre 202kW V6 esebenzisa udiesel
5.0 litre 283kW V8 esebenzisa upetrol
5.0 litre 346 kW V8 Supercharged esebenzisa upetrol
5.0 litre 375 kW V8 direct-injection esebenzisa upetrol
Ngaphakathi izulu elincane, bheka nje ngoba kungokokuqala ukuthi kwa Jaguar banike umthengi intambo ende yokukhetha imibala ngaphakathi kwi cabin. Kule moto ungakhetha phakathi kuka dashboard oyisikhumba noma ogqize ngombala ocwebezelayo.
Akukholakali ukuthi usemotweni uma uhleli ngaphambili kuyo ngoba bakusho ngokungahlonizi kwa Jaguar ukuthi ingaphambili layo liyi state of the art.
Ngaphambili kune-screen se-DVD okwazi ukusichofoza nje ngomunwe kushintshe izinto ngaphandle kokusebenzisa amandla.
Le Jag iphuma namalambu ohlobo lwe LED akwazi ukukhanyisa uma imoto ingena endaweni emnyama. Amalambu ayo ajika kanye nemoto okwenza umshayeli akwazi ukubona nezinto ezikude.
|
|
Services
Comment Guidelines