Bahlongoza uku-Rica amalayisensi

Comment on this story

ABASHAYELI maduze bangase baphoqeleke ukuthi babhalise izincwadi zokushayela ngaphansi komthetho we-Rica osebenza kakhulu kumaselula.

Lokhu ngezinye zeziphakamiso ezenziwe kwiNational Road Traffic Law osanda kufakwa ebhukwini likahulumeni lemithetho iGovernment Gazette.

Lokhu kubikwe yiphephandaba lesibhunu laseGoli i-Beeld. Ngokwalo mthetho abashayeli bazonikezwa izinyanga ezingu-12 zokuba babhalise amagama abo aphelele, izinombo ze-ID kuhlanganisa nosuku lokuzalwa esikhungweni esikhipha amalayisensi.

Okunye okuzoba sebemqoka uma lo mthetho ugcina uchitshiyelwe ukuthi umshayeli azise isikhungo samalayisensi ngekheli lakhe ezinsukwini ezingu-21 uma eselishintshile.

Abashayeli bezimoto esezineminyaka engaphezulu kwewu-10 bazophoqeka ukuthi bahambise izimoto zabo esikhungweni esihlola ukuthi zisesimeni esifanele yini njalo ngemuva kweminyaka emibili.

Okunye, izimoto esezesulwe yizinkampani zemishwalense ngeke zisavunyelwa ukuphinde zisetshenziswe.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.