Bakhala ezimathonsi ngezindlu zabo

Comment on this story
NO maotana1 INLSA Ugandaganda udiliza imizi e Maotana.ISITHOMBE PATRICK MTOLO

NONHLANHLA MKHABELA

BAKHALA ngokulahlekelwa amakotishi abo angu-14 abaziphilisa ngawo abangase badilizelwe umuzi wabo noma yinini ngenxa yohlelo oluqhubekayo lwezindlu zemixhaso eMaoti, eNanda.

UMnuz Bhekani Mntungwa (58) oziphilisa ngokuqashisa izindlu kule ndawo ukhala ezimathonsi njengoba kunohlelo lokudiliza izindlu endaweni ahlala kuyona nomndeni wakhe ngenxa yokuqhubeka kohlelo lokwakha izindlu zomxhaso.

UMntungwa othi wathenga le ndawo kowaseNdiya kanye nomakhelwane bakhe, sebethole izincwadi ezivela emkhandlwini waseThekwini zibatshela ukuthi kumele basuke endaweni abakhe kuyona ngoba sekuzodilizwa.

“Kwathiwa masiphume siye emagogogweni kodwa saxoxisana nekhansela sacela ukuthi asibhalise izindlu zethu zokuqashisa njengebhizinisi ukuze uMkhandlu ubambe imali ethize uma kumele kube khona imali ebanjwayo kwaba sengathi siyezwana njengoba sesitshelwa ukuthi lo mhlaba esikuwona ngowoMkhandlu,” kubeka uMntungwa.

Ukhale ngokuthi akekho emndenini wakhe osebenzayo, baziphilisa ngazo izindlu zokuqashisa njengoba nazo sezizodilizwa nje ekubeni alukho uhlelo olubekiwe lokuthi bakhokhelwe izindlu zabo uma sezidiliziwe.

NO maotana2 UMnuz Bhekani Mntungwa ekhomba umuzi wakhe onezindlu aqashisa ngazo ezizodilizwa eMaoti, eNanda kwakhiwe izindlu zomxhaso INLSA

“Sikhuluma nje, nginengane okumele ngabe iya ukuyofunda eNyuvesi ngonyaka ozayo ebengizoyifundisa ngayo le mali yalezi zindlu,” kuchaza uMnuz Mtungwa.

UNkk Thulisile Qum (31) onezindlu zokuqashisa eziyisithupha naye ukhala ngokuthi uma izindlu zakhe zidilizwa akazi ukuthi uzozondla ngani izingane zakubo ezinhlanu ngoba zisele naye kanti akanayo enye indlela aziphilisa ngayo.

Ikhansela lakule ndawo uNkk Zandile Gumede, lithe abantu baziswa kudala ngentuthuko eqhubekayo banxuswa nokuba bangaqhubeki nokwakha ngoba kuzomele zidilizwe lezo zakhiwo kodwa kwaba khona abaqhubeka ngenkani.

“Saba nemihlangano echaza kabanzi nomphakathi siwazisa ngalolu hlelo kodwa abanye baqhubeka bakha ngenkani ngoba benemibuzo ngokuthi iyofika nini le ntuthuko okukhulunywa ngayo. Yingakho lungekho nohlelo lokubakhokhela ngoba baziswa. Abanye asebesusiwe kabazange babe nankinga,” kuchaza uNkk Gumede.

Okhulumela uMasipala waseThekwini uMnuz Thabo Mofokeng, uthe uMkhandlu usazolubhekisisa lolu daba ngaphambi kokuba uphawule ngalo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.