Advertisement

Bakhala ngenkohlakalo ekhanseleni

NQOBIZIZWE ZWANE

USABISA ngokumisa ukusebenza kwezinkampani elokishini eMlazi ku-ward 82 umphakathi owakhele lesi sigceme okhala ngekhansela olisola ngenkohlakalo.

uThembisile Khuzwayo oyilungu lomphakathi okhala ngekhansela abalisola ngokungawenzi umsebenzi walo ngendlela ku-ward 82 eMlazi, eThekwini. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI. Credit: INLSA

Izolo bekunomhlangano oshubile ehhovisi lekhansela uMnuz Muziwenyanga Dladla obekulindeleke ukuba libe kuwona noSomlomo kaMasipala weTheku uMnuz Logie Naidoo kodwa bobabili bebengabonwa.

UNksz Thembisile Khuzwayo, osethimbeni elijutshwe wumphakathi ukuba lihambise izikhalo zalo kumasipala njengoba le wadi ingenalo ikomiti yize ayekhethwa ngo-Agasti 19, usole uDladla nabambize ngoMnuz Sfiso Dlamini ngokuba nesandla ekudayisweni kwezinye zezindlu zomxhaso kule ndawo.

Uthe kuzo zonke izinhlelo kule wadi kabaqashwa abantu ngendlela ecacile ubona sekusebenza abantu ongabazi bekhona abantu bendawo.

UMnuz Gida Luthuli naye osethimbeni elijutshwe wumphakathi uthe sekube nezikhathi lapho sebeke bazama khona ukuzifikela mathupha kuMnuz Dlamini osebenzisana nekhansela kodwa washushumbiswa yilo ikhansela babaleka.

Ethintwa uDladla izolo uziphikile izinsolo zokuthi kukhona okubheke eceleni akwenzayo wathi lokhu kwenziwa abantu abafuna ukuba amakhansela.

Ephawula ngezinsolo ezibuye zabekwa abanye besifazane abathi ubuye afune nocansi ukuze abasize uDladla uthe: “Ngingajabula uma engavela obala engangifuna ukulala naye ngamthembisa nomsebenzi noma onendlu esengiyidayisile.”

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi zikhona izinsongo zokusabisa eziphenywayo phakathi kwekhansela nomphakathi kodwa akekho oseboshiwe.

SHOW ALL
Advertisement