CHARLES KHUZWAYO
IZINGWAZI zomculo kamaskandi uShwi Nomtekhala zihlabane ngo-R1 million emkhakheni weMTN 8 Most Downloaded Song ngenoni lazo lango-2004 elithi Ngafa.
Ngokusho komholi waleli qembu uMandla “Shwi” Xaba uthe bamenyezelwe emcimbini obuseParktown eGoli ngoLwesine.
“Namanje sisadidekile ukuthi siwine kanjani, sihlula abaculi abahlala emalokishini futhi abafundile kunathi kodwa imillion leza ehostela kubantu abangafundile. Le ngoma asisazi ukuthi iyovinjwa ngubani ngoba namanje isadla izizwe,” kusho uShwi.
Uthe okwamanje abakakahleli ukuthi bazoyisebenzisa kanjani le mali ngoba bazumekile. “Besihambela izinkundla obekudlalelwa kuzo lo mqhudelwano, sinandisela abantu kanti bazofike bathande thina kunabanye.”
Le ngoma ethi Ngafa ikwi-albhamu yoShwi NoMtekhala yango-2004 esihloko sithi Wangisiza Baba, eyadayisa amakhophi angaphezu kuka-700 000.
Naye u Ngafa wacishe waqopha umlando ngokuba yingoma yokuqala kamaskandi ukuhlukanisa unyaka kuKhozi FM kodwa kwala khona ukwenza.
Ngokuthola kwe Solezwe NgoMgqibelo, abantu bebenxenxwa ukuba bavotole ingoma ezoba yiMTN8 CallerTunez .
“Ziwu-8 izingoma obekukhethwa kuzo, ezine kuyizingoma ezingungqo nezinye ezenziwe kabusha zabaculi bakuleli,” kusho isitatimende esasithunyelelwe abezindaba nguMTN.
OShwi baqumbe phansi ingoma yezinkakha ze-kwaito iTrompies ebezingenele ngengoma yazo endala eyayithi Sigiya Ngengoma, uCueber, Ishmael noReason ebebeqokwe nge Sigiya Ngengoma MTN Mix, uPrince Kaybee, Professor, Duncan noZulu Boy ebebenze kabusha le ngoma yoShwi, uThebe ngethi Ungawa Kum, uMicasa, Riky Rick noNasty C ebebefakwe ngayo le ngoma kaThebe esiyenziwe kabusha, iBoom Shaka ebiqokwe ngenoni layo elalithi It’s About Time noDJ Clock, Dr Malinga kanye noCici nabo ebebengene ngethi It’s About Time MTN Mix.