Baklajwe bafa bephuma ukuyojuxuza

Comment on this story
NO HOSTEL

NOKUBONGWA PHENYANE

UHLALELE ovalweni umphakathi owakhelene nehostela laKwaMashu kulandela isehlakalo sokutholakala kwezidumbu ezintathu zihlahlelwe ngocelemba zashiywa zidindilizile endaweni ebizwa ngokuthi yiKwaMazambane nakwaMthembeni.

Lezi zidumbu kuthiwa zitholwe ngezikhathi ezihlukene ngempelasonto, kanti abafi kuthiwa bake babonakala endaweni yokujuxuza esigcemeni sakwa-E kuleli lokishi ebizwa ngeLacoste.

Kulezi zigameko umphakathi okhulume neSolezwe usole iqembu lezigelekeqe elihlanganiswe ngabafana abayisithupha okuthiwa limandla ngokubamba inkunzi ebusuku maqede libulale.

Kuthiwa licuthela labo abasuke bephuma ezindaweni zobumnandi ngezimpelasonto.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal,uLt Colonel Vincent Mdunge, uthe sikhona isigameko lapho kutholakale khona izidumbu zabesilisa ezintathu abaneminyaka ephakathi -29 no-48 abagencwe ngocelemba kuleli hostela.

NO HOSTEL23 ILACOSTE Lounge eKwaMashu okuthiwa ababulewe bebebuya kuyo. Izithombe: SANDILE MAKHOBA .

Uthe okwamanje abakayazi imbangela yokubulawa kwalaba kodwa amaphoyisa aKwaMashu asaphenya amacala amathathu okubulala, akukaboshwa muntu.

Umphakathi uthi laba bantu abatholakale ezindaweni ezahlukene bonke batholwe bengathathelwe lutho okukhombisa ukuthi bebebanjwa inkunzi.

Ngokusho kowesilisa othi usindile kulesi sigameko ocele ukuba angadalulwa, bebephuma endaweni yokucima ukoma nomngani wakhe ngeSonto ekuseni bahlangana nabesilisa abayisithupha ebhulohweni elihlukanise ihostela nelokishi.

“Sithe uma sithi memfu ngasebhulohweni, naba abantu bahlahlelwe ngocelemba nangobhushu. Sasondela ngoba sicabanga ukuthi ngeke basenze lutho abahlaseli kanti asibuzanga elangeni, oyedwa wabo wavele wamemeza wathi naba abanye asibagenceni nabo,” kusho lo mlisa.

Uthi bavele bathola upotsho wokubaleka bemba bembulula, bazama ukubajaha kodwa bagcina ngokungabatholi.

“Ekuseni ngivukile ngaya kuleya ndawo ngafika ngabathola ngempela abantu abathathu befile, ubuchopho bungaphandle,” kuqhuba yena.

Ngokusho kukaNksz Siduduzo Mhlongo, wangalapho kutholakale khona izidumbu ezintathu, kungcono ivalwe le ndawo njengoba nomfowabo washona ebuya khona.

“Kudala kwaqala ukubulawa kwabantu uma bekuleya ndawo. Mina umfowethu wafela khona kodwa lokhu osekwenzeka manje sengathi kungaphezu kwamandla njengoba sekutholakala abantu abangaka nje bebulewe ngempelasonto eyodwa,” kusho uNksz Mhlongo.

Uthe okungcono nje le ndawo ayivalwe kusemanje umonakalo omkhulu ungakenzeki.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.