Advertisement
logoSections

Balaxaze izifundo kumasha intsha ye-ANC

Amalungu abebhikisha ophiko lwentsha i-ANC Youth League ehlukane ngokuthula izolo emva kokumashela emahhovisi kaNdunankulu waseLimpopo nakaNgqongqoshe wezeMfundo.

Le mashi, ebambezeleke cishe ihora lonke, iqale iqashwe ngeso lokhozi ngamaphoyisa eSABC Park. Amaphoyisa abenkanise kule ndawo ngezimoto ezibalelwa kweziyishumi.

Abafundi bezikole iMoruleng neMohlakaneng Secondary, eSeshego ngaphandle kwase-Polokwane, bagcwale amabhasi bezomasha kanye ne-ANCYL.

Abafundi abebetheleke kule mashi ngaphandle kwemvume yothisha bezikole zabo, bebephethe izingqwembe ezineziqubulo ezahlukene phakathi kwazo kukhona esithi “Sifuna imisebenzi.”

Uphiko lwentsha belukhala ngokufakwa kweMinyango emihlanu phansi kwe-Administration ngoDisemba nyakenye.

Phakathi kwale Minyango kukhona nowezeMfundo.

UMnuz Julius Malema, owayenguMholi we-ANCYL owaxoshwa, esakhula wayefunda eMohlakaneng Secondary.

UMnyango wezeMfundo uthe kuyimpoxo ukubona amalungu e-ANCYL ephazamisa imfundo kulesiya sifundazwe.

“UMnyango awuhambisani nokuphazanyiswa kwemfundo yezingane ngenxa yabantu abafuna ukuzuza kwezepolitiki,” kusho okhulumela uMnyango wezeMfundo eLimpopo, uPat Kgomo esitatimendeni esikhishelwe abezindaba.

Iqulu labamashi lihambise incwadi yezikhalo kuNgqongqoshe wezeMfundo, uMnuz Dickson Masemola.

SHOW ALL
Advertisement