isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Balaxaze iziguli bateleka esibhedlela

Comment on this story


NO HOSPITAL1

.

BABEKE phansi amathuluzi abasebenzi besibhedlela iSt Aidan's eThekwini abakhala ngokufihlelwa ngezinhlelo zesibhedlela. Isithombe: BONGANI MBATHA

LUNGI LANGA

ONESI nabasebenzi beminyango ehlukene besibhedlela iSt Aidan’s eThekwini balaxaze iziguli babhikisha emasangweni esibhedlela izolo befuna incazelo egcwele ngokuqhubeka kokusebenza kwesibhedlela.

Abasebenzi bathi bezwa ngandlebenye kuthiwa uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uhlongoza ukungayivuseleli inkontileka yokusebenza ebhilidini le St Aidan’s Mission eliqashwe wuMnyango wezeMpilo.

Ngesikhathi abahlengikazi bebhikisha ezinye iziguli ezihamba ngezihlalo ezinamasondo bezibonakala emagcekeni esibhedlela zibukela ezinye zifake namabhandishi zinganakiwe.

Omunye wabasebenzi utshele Isolezwe ukuthi bezwa kuthiwa isibhedlela ngeke sisasebenzela kuleli bhilidi.

AboMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal bethintwa bathe imininingwane ngezinto ezithinta lesi sibhedlela zithunyelwe ehhovisi leNhloko yoMnyango okuze kwashaya isikhathi sokuloba ingaphenduliwe.

“Kulindeleke ukuthi inkontileka eyayisayinwe wuMnyango yeminyaka elishumi iphele ngonyaka ozayo kodwa manje akekho okhuluma ngokuyivuselela. Kunalokho iziphathimandla zesibhedlela zithi azazi lutho, uma uzibuza zithi wuMnyango owazi ngesinqumo ozosithatha ngebhilidi. Kodwa sekukhona abathi kungenzeka uMnyango ungayivuseleli inkontileka,” kusho lo msebenzi.

Lo msebenzi ocele ukungavezwa ngoba esaba ukuthi angathathelwa izinyathelo ngokukhuluma nephephandaba uthe inkinga abanayo wukuthi kuzophazamiseka izinhlelo zabo uma kushintshwa indawo yokusebenza kodwa abatshelwa ngezinhlelo zesibhedlela.

Usihlalo wenyunyana yabasebenzi bakulesi sibhedlela, iNational Education Health and Allied Worker’s Union (Nehawu), uMnuz Zola Saphetha, uthe abasebenzi bakhala nangokuthi lesi sibhedlela asinabo abaphathi abawukhiye ekusebenzeni kwesibhedlela. Kuthiwa sekuphele isikhathi esingaphezu konyaka engaqashiwe umphathi wesibhedlela, nomphathi wezempilo.

Okunye okuyinkinga wukungabi bikho kwezinsiza kusebenza zokuvikela izifo.

“Ziningi kakhulu izinto abakhala ngazo abasebenzi. Okubi wukuthi kade saqala ukubamba imihlangano noMnyango siwazisa ngalezi zikhalo kodwa akwenziwa lutho ukubhekana nazo,” kusho uSaphetha.

Uthe inkinga yabo enkulu yiNhloko yoMnyango, uDkt Sibongile Zungu, ongayihambeli imihlangano abambizela kuyo.

“Kusukela ngoSepthemba nyakenye besilokhu sizama ukuhlangana naye kepha akezi emihlanganweni esimbizela kuyo,” kusho uSaphetha.

Uveze ukuthi isiteleka esimisiwe sabasebenzi besibhedlela sabagula ngengqondo, Ekuhlengeni esiseziMbokodweni, kungenzeka siqhubeke uma uMnyango ungacacisi ngokwenzeka kuso. Abasebenzi bamise ukusebenza ngoLwesibili ngoba bethi bezwe ukuthi isibhedlela sesizofakwa phansi koMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.