Bancane abazohamba nge-navara

Comment on this story
no nivi ABAZOBA senhlanhleni yokuba nale moto bazozizwa bebalulekile njengoba kuzokhiqizwa izimoto ezingu-200 zalolu hlobo lweNavara Titanium Special Version ezoqala ukutholakala ngenyanga ezayo

UMHLAZIYI: Fanelesibonge Bengu

IMOTO: Nissan Navara

EMINYAKENI emihlanu edlule wawusuke uyi “nkosi” uma uhamba ngeNavara yakwaNissan ngoba kwabe kuyiveni elidlisayo nelisesitayeleni.

Ngokuhamba kwesikhathi lehlile idumela leNavara kodwa yawushiya umlando ngoba kuyinamuhla kunezindawo eziqanjwe ngayo.

Umncintiswano wezinye izinkampani eziphume namaveni njenge-Amarok yakwa VW, iMazda BT 50 ne Ford Ranger nawo uthe ukubabhincixela nxanye kwa Nissan ngeNavara.

Kwa Nissan abaphelanga amandla njengoba sebephindile babuyisa uhlobo olusha lwaleli veni okungabuzwa ukuthi liyawadonsa amehlo.

no nivi1 ABAZOBA senhlanhleni yokuba nale moto bazozizwa bebalulekile njengoba kuzokhiqizwa izimoto ezingu-200 zalolu hlobo lweNavara Titanium Special Version ezoqala ukutholakala ngenyanga ezayo

Nalo leli libukeka lizothola ukuduma kakhulu ngendlela elibukeka ngayo. Lolu hlobo lubizwa ngeNavara Titanium. Kulindeleke ukuthi iqale ukudayiswa ngenyanga ezayo iTitanium.

Imikhiqizo yale moto ngeke yeqe ngaphezulu kuka-200. Lokhu kwaNissan bathi bakwenzela ukuthi ishayelwe ngabakhethekile kuphela okungenzeka kube nguwe.

INavara Titanium Special Version ithe ukushintshwa lapha nalaphaya kwiNavara eyejwayelekile okuzeyenza yehluke kunezinye izinhlobo zakwabo njengoba yona izothi ukuphakama kancane.

IZINTO EZISHINTSHILE

Phakathi kwezinto ezishintshiwe kubalwa kuzo amasondo anombala o-titanium, i-grille yangaphambili engacwebezeli, ubhampa wasemaceleni, amakhava ezibuko zasemaceleni nezezibambo zokuvula izicabha lokhu abathi kuhambisani nesiqubulo se-titanium metallic.

Okunye okuthuthukisiwe ngamasondo njengoba onke engawe-all terrain okungamathayi aphakeme ahamba kalula emigwaqeni eyibhuqu nasetiyeleni, i-tow bar, i-bull bar yangaphambili, ukhaphethi oqoshiwe nokhiye oqoshwe umbhalo othi Titanium konke lokhu okufika nayo ngaphandle kokunezezela

Isikhulu sakwaNissan kuleli, uMarinus Venter, uthe iNissan Navara Titanium Special Version ilungele abantu abathanda ukuhamba emigwaqeni okungahanjwa kakhulu kuyo.

INissan Navara Titanium izotholakala ngemibala ehlukene okungomhlophe, omnyama no-siliva.

KUNEZINHLOBO EZIMBILI

Le ngqovungqovu yeveni itholakala ngezinhlobo ezimbili okuyi-4X4 ne-4X2. I-4X2 iqala ku-R374 000

kuthi i-4X4 yona iqala ku-R415 000.

Le moto igabe ngamagiya ayisithupha aya phambili ukuhambisana nenjini yayo i-common-rail turbo diesel engu-2.5 wamalitha ekhahlela amandla angu-128KW ne-torque engu-403Nm kwi-4X4.

I-4X4 isebenzisa udizili ongu-9.0 wamalitha ebangeni elingu-100km kanti ingadonsa isisindo esingu-3000kg.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.