BANINGI abesifazane abasala benakekela imizi uma beqhathaniswa nabantu besilisa.
Lokhu kuvezwe wucwaningo lwase-United States lwakamuva olwenziwe yinhlangano iPrudential Financial.
Kwabesifazane abangu- 1 400 okuxoxwe nabo kulolu cwaningo, abangu-53% bebekulelo zinga.
Lokhu kudalwa wukuthi abesifazane abangu-40% bangabodwana noma bahlukanisile emshadweni.
Lolu hlobo lwabesifazane luyazondla futhi londla nemindeni yabo.
Abacwaningi bathole nokuthi abangu-22% kulabo abashadile bahola ngaphezulu kwabayeni babo.
Kulolu cwangingo kuvele ukuthi abesifazane abamnyama nalabo abase-Asia abazalelwe eMelika yibo abenza isibalo esikhulu sabesimame abondla imindeni yabo bodwana.
Bathole ukuthi abesifazane abawuhlobo lwama- Asian-America abangu-33% bese belandelwa abangama-African-American- 31% bese kuba abamhlophe abangu-19%.
Kwabesimame abondla imindeni abahola ngaphezu kwabayeni babo iningi labo lithe lokhu kudalwa yizinselelo zomnotho.
Kuvele nokuthi abesimame abazithola bondla imindeni bodwa bayakwazi ukuphatha imali ngokuzimela ngaphandle kokuzihlanganisa nabantu abathandana nabo.
Bayakwazi ukuba nama-akhawunti ayimfihlo labo abathandana nabo abangazi lutho ngawo.
Yize kunjalo baxoxa konke nabayeni babo futhi bazithatha nabayeni babo izinqumo zokusebenzisa imali. – Intatheli yeSolezwe
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services