Advertisement

Banomyalezo abazowushiyela abantu

CHARLES KHUZWAYO

Izilomo zeGagasi 99.5 FM o-Alex Mthiyane, owethula uhlelo lwasekuseni i-Alex And The Morning Crew noSiya Mhlongo, owenza olwangeSonto ekuseni, zizoshiyelana inkundla kwi-5 Men 1 Message eCity Hall eThekwini ngoJulayi 6.

U-ALEX Mthiyane weGagasi 99.5 FM uzobe eyisikhulumi emcimbini eCity Hall, eThekwini, ngoJulayi 6

Laba basakazi bazobe bekhuluma ngokubaluleka kwemindeni emiphakathini, ububi kokuthandana kwamantombazane namadoda amadala bese beqwashiswa ngokuhlukunyezwa kwezingane nabantu besifazane.

Kulo mcimbi kuzophinde kunandise izilomo zabaculi okubalwa kubo oThinah Zungu, Babo noSgwili, Afro Soul, ATM, SWT Girl, Lungi M, DJ 15, DJ Verg noDJ Gukwa.

Umgqugquzeli walo mcimbi, uThobani Makhaza, uthe ngeke zisale ngaphandle izidakamizwa nobugebengu ngoba yikho okuhlalise lubhojozi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika.

“Sekuyisikhathi sokuthi kukhulunywe ngezinto eziyimbangela yokuhlukumezeka komphakathi. Lo mcimbi sikhethe ukuwubiza kanje ngenhloso yokuthi kuqwashiswe kubuye kukhuthazwane.

Izithameli sifuna zibuyele emakhaya zithole lonke ulwazi ebeziludinga,” kuchaza uThobani.

Laba basakazi bazobe behambisana nabefundisi abangaconsi eKZN uPastor Sthembiso Zondo noPastor Vusi Dube.

“Siyazi ukuthi kunzima ukulalela inkulumo phezu kwenye. Sibuye sathi asifake nomculo phakathi ukuze izithameli zikwazi ukwehlisa lezi zinkulumo,” kusho uThobani.

SHOW ALL
Advertisement