Baphihliza kwasani eDe Doorns

Comment on this story
NO cape times ca11r alight_0663 INLSA INTATHELI ibonakala ithwebula izithombe zemoto yezintatheli zephephandaba iCape Times eyangqongqiswa ngomlilo ngesikhathi kunesiteleka sabasebenzi basemapulazini eDe Doorns. Kuthiwa eyakwa-SABC yona iphihlizwe ngamatshe. Isithombe: Henk Kruger

INTATHELI YESOLEZWE

KUshaywe ngamatshe imoto yezintatheli zakwaSABC ngabasebenzi basemapulazini abatelekile eDe Doorns, eWestern Cape, ngoMsombuluko.

Abezindaba zomsakazo iSABC babike ukuthi ithimba labo beliphonsa imibuzo abasebenzi abatelekile eStofland ngesikhathi liqhululwa ngamatshe.

Isithombe semoto yabo eshayeke emawindini angemuva ibifakwe enkundleni yezokuxhumana iTwitter.

Abekho abalimalile kulesi sigameko.

Ngeledlule enye imoto yezintatheli zeCape Times, iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, ingqongqiswe ngomlilo ngabatelekile.

Phambilini amaphoyisa athe kuhlaselwe amanye amaphoyisa abehamba ngezinyawo eqaphe isimo kule ndawo ngoMsombuluko ekuseni.

UWarrant Officer November Filander uthe amaphoyisa ahlaselwe ngezikhathi zawo-3 ekuseni.

“Ngitshelwe ukuthi amaphoyisa esehlaselwa aphindisele ngokusebenzisa ama-stun grenade, hhayi izinhlamvu zenjoloba, ukuhlakaza isixuku,” kusho uFilander.

Kuboshwe abathathu kwabatelekile ngecala lokudala uthuthuva emphakathini. Oyedwa wabo usolwa nangokutholakala nensangu.

“Emapulazini okutelekwe kuwo kusathule okwamanje, amaphoyisa asiqaphe ngelokhozi isimo kuwo,” kusho uFilander.

Abasebenzi basemapulazini eDe Doorns bafuna ukunyuselwa amaholo asuke ku-R69 ngosuku aye ku-R150 ngosuku.

Isiteleka saqala ngo-Agasti 27 samiswa ngoDisemba 4.

Siqale kabusha ngoLwesithathu.

Selokhu lesi siteleka siqale kabusha, le ndawo iDe Doorns ibe nezehlakalo zodlame kutholana phezulu amaphoyisa nabasebenzi abatelekile.

NgoMgqibelo ekuseni kudunwe iloli lashiswa.

Babalelwa ku-125 abantu ababoshiwe phakathi kukaLwesithathu neSonto ngamacala okudala udlame emphakathini.

Abe-Commission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) bathe bazongenelela kulesi siteleka ukuzama ukuxazulula lesi simo.

“Sithe siyazinikela ekusizeni. Sethemba ukuthi zombili izinhlaka zizosivumela ukuba singenelele,” kusho uNksz Nerine Kahn onguMqondisi oMkhulu kwaCCMA eWestern Cape.

Uthe njengeCCMA, banelungelo lokwenza isivumelwano sesikhashana nezinhlaka ezithintekayo ngesikhathi kusalindwe kuphume isinqumo ngezingxoxo zamaholo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.