Baphika eyokuvalwa kwesibhedlela

Comment on this story
NO_addi0 INLSA Isibhedlela saseThekwini i-Addington singase sivalwe ezingxenyeni ezithize ukuze silungiswe ngenxa yezinkinga emawodini namagumbi okuhlinza. Isithombe: Sbonelo Ngcobo

INTATHELI YESOLEZWE

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal izolo ukuphikile ukuthi sizovalwa isibhedlela i-Addington obekunemibiko yokuthi ukusebenza kuzoma ukusebenza ngenxa yokuthi ziyalungiswa.

Esitatiemndeni esikhishwe nguMnuz Sam Mkhwanazi, oyimenenja ebhekele ezokuXhumana eMnyangweni, kuthiwe le mibiko ayilona iqiniso ngoba ukulungiswa kwesibhedlela kuyahambisana nohlelo lwesifundazwe lokuphucula zonke izibhedlela ezidinga ukunakekelwa.

UMkhwanazi uthe kubekwe eceleni u-R1 billion okuhloswe ngawo ukuthi kubhekwane nezindleko zokulungisa i-Addington ibe sezingeni eliphezulu futhi ikwazi ukuba nobuxhakaxhaka besimanjemanje obuzosiza kwezokwelapha namhlanje.

Ukulungiswa kwezibhedla uthe kwenzelwa ukuthi kuqambe kuqala ukusebenza kohlelo olubizwa ngokuthi yi-National Health Insurance, oluzosiza abahlwempu ngokwelashwa okusezingeni okwesekwa nguhulumeni, izibhedlela sezisezingeni elihle.

Kuleli sonto kuvalwe amawodi amane namagumbi okuhlinza amane ngenxa yenkinga yama-aircon kulesi sibhedlela.

Inhloko yoMnyango wezeMpilo esifundazweni, uDkt Sibongile Zungu, ngaphambi kokukhishwa kwesitatimende icashunwe emaphephandabeni ithi babona ukuthi kuzoba ngcono uma besivala sonke isibhedlela.

“Sisezinhlelweni zokuqala izithangami zokubonisana namalungu omphakathi ukuze sizwe ukuthi wona abona kanjani uma sithi asivalwe isibhedlela,” kusho uDkt Zungu.

Uphinde wathi isinqumo sokuvala isibhedlela singase sibeke engcupheni izinhlelo zokwakhiwa kwezibhedlela ezimbili okuhlelwe ukuthi zakhiwe KwaMashu naseNanda.

Isibhedlela saKwaMashu sizobizwa ngeDr Pixley ka Seme, kuthi esaseNanda sibizwe ngeDkt John Dube.

Ukungabaza ngokwakhiwa kwalezi zibhedlela kudalwa wukuthi imali engu-R2 billion okumele ngabe ifakwa ezinhlelweni zokwakha zona ingangena ekulungiseni i-Addington.

Ukuwa kwe-Addington sekuthathe isikhathi eside njengoba phambilini yayithathwa njengesibhedlela esingcono kakhulu kwezokwelapha, njengoba ingeyesibili ngobukhulu ngemva kwe-King Edward.

Ikomidi lanikeza abaphathi besibhedlela izinyanga ezintathu ukulungisa isimo esasingagculisi salesi sibhedlela.

UNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni, uDkt Sibongiseni Dhlomo, uthe ukuvalwa kwamawodi nawokuhlinza kuyingxenye yokulungisa isimo esibhedlela.

Uthe bebengakwazi ukuthi bafake iziguli emawodini engenawo umoya opholile kodwa bagcina bethathe isinqumo sokuthi bazithuthele kwamanye.

Abahlengikazi okukhulunywe nabo bathe inkinga yokungasebenzi ngendlela kwama-aircon esibhedlela yinkinga enkulu esize yadala ukuthi iziguli nabasebenzi bagcine sebeziphathela ama-fan abo.

Omunye umhlengikazi uthe udokotela othile kulesi sibhedlela wake wabhala incwadi ekhononda ngokungasebenzi ngendlela kwama-aircon kodwa akukho okusenziwe kuze kube manje.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.