Advertisement

Baphume ngobuningi kuvulwa indawo yokuzijabulisa eNanda

SIZWE BLOSE

ABANTU baseNewtown A eNanda bakhombisile ukuthi babomele ubumnandi begcwala bechichima eThemba Lounge ngesikhathi ivulwa ngokusemthethweni ngempelasonto.

Le ndawo ibivele ikhona kodwa abaphathi bayo bathembise ukuyibeka esicongweni manje.

“Phambilini beyiphethwe ubaba kodwa manje useyidlulisele kimina. Ngizimisele ngokulanda bonke abaculi ukuthi bazojabulisa abantu bakule ndawo,” kusho uSipho Zondi osengumphathi omusha wayo.

KoDJ abebenandisa ivulwa, iningi labo elakhona endaweni kanti bekunoDJ Sjerere weVibe FM noMaku ovamise ukuzwakala kuKhozi FM njalo ngoLwesihlanu.

USipho uthe uyazi ukuthi iningi labantu indawo yaseNanda belikade lilokhu liyihlanganisa nezenzo zobugebengu wathi kodwa lokhu kuzoshintsha ngoba indawo yakhe izokwenza abantu bazane futhi bavikelane uma kunezimo zokugebengana ngoba phela bazobe sebazana.

SHOW ALL
Advertisement