Advertisement
logoSections

Baqikelele bephawula ngenhlangano entsha

INTATHELI YESOLEZWE

Izinhlangano zepolitiki ziphawule ngokuqikelela ngokumenyezelwa kwenhlangano entsha yezombusazwe eyethulwe yisishoshovu uDkt Mamphela Ramphele ngoMsombuluko.

UDkt Mamphela Ramphele. Isithombe: Jason Boud. Credit: Group

“IDemocratic Alliance iyakwamukela ukwethulwa kweqembu likaDkt Ramphele, nokukhuluma kwakhe athi ufuna ukusebenzisana nabantu baseNingizimu Afrika ekwenzweni ngcono izwe,” kusho umkhulumeli we-DA, uMnuz Mmusi Maimane.

“UDkt Ramphele unemibono nemigomo efanayo naleyo ye-DA, ewukuthi abantu abaphathwe ngokulingana kungabhekwa ibala labo, kuvikelwe umthethosisekeleo. Umnyakazo wakhe ungesinye isinyathelo endleleni ende yokuhlela kabusha ezombusazwe ezweni lethu,” kusho uMaimane.

Umholi we-United Democratic Movement, uMnuz Bantu Holomisa, naye usamukele isinqumo sikaRamphele.

“Sizosebenzisana noDkt Ramphele emizameni yokwenza ngcono iNingizmu Afrika.

UDkt Ramphele umemezele ukuqalwa kweqembu elisha, waqeda ukuqagela obese kudonse amasonto.

Iqembu limenyezelwe eWomen's Gaol, eConstitution Hill, eBraamfontein.

“Namuhla ngithanda ukunazisa ukuthi ngisebenzisana nabanye abantu baseNingizimu Afrika ukubumba iqembu elizobuyisa ithemba kubantu baseNingizimu Afrika,” kusho uDkt Ramphele.

“Sizolibiza nge-Agang SA, ngesiZulu okusho ukuthi masakhe iNingizimu Afrika. Enye yezinhloso zayo kuzokuba wukulwa nenkohlakalo,” kusho uDkt Ramphele.

Uthe ubonile uma ebheka kwezepolitiki ukuthi kukhona igebe phakathi kwesizukulwane esalwela inkululeko naleso sezingane zakhe. Bazokhankasa nangezinkundla zokuxhumana.

SHOW ALL
Advertisement