Baqola ‘ngezimoto zamaphoyisa’

Comment on this story
no Copy of nd fake1 (31707053) (31707626) SITHUNYELWE LENA ngenye yezimoto efana ncamashi neyamaphoyisa okuthiwa umlisa waseSoweto ubolekisa ngazo emaqenjini ezigebengu ngemali eshisiwe. Izithombe: SITHUNYELWE

INTATHELI YESOLEZWE

KUTHUNGATHWA ungqondongqondo wesigelekeqe osolwa ngokubolekisa ngezimoto ‘zamaphoyisa’ ezingombombayi emaqenjini ezigebengu ezibamba inkunzi.

Umsolwa kuthiwa izimoto zakhe zihambisana nomfaniswano ophelele wamaphoyisa futhi zinemisindo eyenziwa yizimoto zamaphoyisa ezisemthethweni ngisho o-ova namalambu aluhlaza.

Amaqembu ezigebengu kusolakala ukuthi asebenzela e-Gauteng naKwaZulu-Natal. Amaphoyisa abophe amalungu amabili eqembu lezigebengu elizinze eGauteng abanjwe eKZN nenye yalezi zimoto ‘zamaphoyisa’ ezibolekwayo.

Kube khona ukudubulana phakathi kwamaphoyisa ophiko lwe-Tactical Response yaseMnambithi nezigebengu ngesikhathi amaphoyisa ebamba abasolwa kuleliya dolobha.

Abanye abasolwa abayisithupha babaleke bangena ehlathini ngesikhathi sebembozwe ngamaphoyisa. Amaphoyisa athole imoto eyi-Golf GTI ebifakwe yonke imibhalo yamaphoyisa kodwa ifakwe izinombolo ezingekho emthethweni.

no Copy of nd fake2 (31707052) UMA ubuka le moto ngeke uze ukholwe ukuthi akuyona eyamaphoyisa ngempela kodwa isetshenziswa ngabaphangi ababamba inkunzi osomabhizinisi eGauteng naKwaZulu-Natal. SITHUNYELWE

Amaphoyisa athe abasolwa bebehlome ngezibhamu eziphathwa ngamaphoyisa ango-ngqo.

Abasolwa bathinteka ezigamekweni ezintathu zokubamba inkunzi ezithinta osomabhizinisi abahlaselwa besendleleni eya noma bebuya emsebenzini baphangwe imali eningi.

UColonel Eddie van Rensburg, wethimba lobugebengu obuhleliwe, uthe kunokuxhumana kobugebengu obufanayo naseGoli.

Uthe balunywe indlebe yizimpimpi zamaphoyisa ukuthi iqembu selehlukene phakathi, sekukhona elinye eseligxile eMnambithi.

Ukuqinisekisile ukuthi abasolwa bazenza amaphoyisa behamba nge-Golf GTI ne-BMW enemibala yamaphoyisa.

Indoda okusolakala ukuthi yiyona engungqondongqondo ekubolekiseni ngezimoto ngeyaseSoweto, eGoli. Kusolwa ukuthi yiyona ependa izimoto ezintshontshiwe ngemibala yamaphoyisa emba eqolo.

Amaphoyisa aphenya ukuthi umfaniswano nokokwenza imibala ukuthatha kuphi nokuthi wakufunda kanjani. Abasolwa ababili ababoshwe eMayville bahlala eMamelodi, ePitoli, kodwa ubugebengu babenza eKZN. Phambilini abasolwa kuthiwa babamba inkunzi usomabhizinisi waseChina owayeya emzini wakhe eWestville.

Ngemuva kokwenza lobu bugebengu leli qembu labe selibhekisa amabombo eMnambithi lapho laphinde lahlasela khona omunye usomabhizinisi odabuka eChina nomndeni wakhe.

Kulowo mndeni abaphangi batapa ubucwebe, isibhamu nemali ngesikhathi bengene ngaphakathi endlini. Ofakazi abababona ngesikhathi sebebaleka bathi bangena emotweni eyi-Golf GTI enemibala yamaphoyisa bashaya bachitha. UVan Rensburg uthe bathole ubufakazi bokuthi imoto eyi-BMW isekhona KwaZulu-Natal. Amaphoyisa asaphenya ukuthi imoto okukhulunywa ngayo ikuphi nendawo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.