MCEBO MPUNGOSE
UMREPHA osematheni kulezi zinsuku u-Emtee, uthi ukufakwa emnxeni owodwa kabili nozakwabo uFifi Cooper, kumaMetro FM Awards, akumufakeli uvalo kunalokho kumenze ahlabeke umxhwele ngesitebele abangaphansi kwaso i-Ambitiouz Entertainment.
Labo mrepha abazakhele igama nyakenye, baqhathwe emnxeni weBest New Artist noweBest Hip Hop Album.
U-Emtee, osethubeni lokuwina izindondo ezintathu ngokuphinde abe semnxeni weBest Remix ngeculo lakhe iRoll Up Re-Up, uthe lokhu kumenze wazishaya isifuba kakhulu ngesitebele abangaphansi kwaso noFifi Cooper kwazise basafika bobabili.
“Kuningi engikufunda kuyena naye kuningi engicabanga ukuthi ngimsiza kukho. Siyakhulisana kule ndima futhi ayikho into engichaza njengokubona amagama ethu esethubeni lokuwina izindondo kumaMetro FM Awards,” kusho u-Emtee, osanda kunqoba indondo ye-Song of the Year kuma-SA Hip Hop Awards nyakenye.
Uthe kube yisibusiso ukubona indlela abantu abamukele ngayo umculo wabo bobabili emva kwesikhathi eside ezama ukungena endimeni yomculo yakuleli. Kamuva-nje lo mrepha noFifi bakhiphe iculo ndawonye, i Washa, elingenise kakhulu .
“Leli culo liyazisho. Abantu uma ubathusa ngento ethize mhlawumbe oyiqgokile, oyishoyo noma osuyizuzile bayaye bethi ‘washa’.
Kolunye uhlangothi babuye basho lokhu uma bechoma. Ngaleli culo simele intsha eku-Hip Hop ekade ivalelwa ngaphandle, ukuthi nayo isifikile,” usho kanje. Ngaphandle kukaFifi Cooper, u-Emtee uzobhekana noNathi (Nomvula) noPrince Kaybee (Wajellwa), noRiky Rick (Boss Zonke) emnxeni weBest Newcomer. Kowe-Best Hip Hop Album, ubhekene noFifi Cooper (20 Fifi), Zakwe (Impande), Riky Rick (Family Values), noCassper Nyovest (Refiloe). Kowe Best Remix uqhathwe noKelly Khumalo, (Asine – African Soul Remix, DJ Sliqe (Do Like I Do) Tresor (Never Let Me Go – Mobi Dixon Remix) AKA (Baddest Remix)