Basale dengwane kungqongqa imijondolo

Comment on this story
no kennedy rd1 INLSA KUPHINDE kwasha izindlu kuKennedy Rd emijondolo ngeSonto okusolwa ukuthi ususwe yintambo kagesi. Izithombe: NQOBILE MBONAMBI

SIMPHIWE NGUBANE

KUBE muncu ezinganeni ezihlala nemindeni yazo emijondolo eku Kennedy Road ngesikhathi zishelwa iyona yonke impahla yesikole kusha imojondolo kule ndawo nokuphoqe ukuthi zingakwazi ukuqala esikoleni izolo njengoba bezivulwa. Umfaniswano obese ulungisiwe, izincwadi zesikole ngisho nomazisi babazali konke kuphenduke umlotha.

Abantu basale nabebekugqokile ngenxa yomlilo oqalwe yizintambo zikagesi emjondolo owodwa kokheleka neminye engu-22.

Isolezwe lifike kuleya ndawo abafundi obekumele ngabe basezikoleni behleli emnyango bengazi nokuthi bazodlani.

Abekho abashonile noma abalimele kulesi sigameko. UNgqongqoshe wezeZindlu KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay neMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo nezikhulu zikamasipala bazifikele kule ndawo ukuzohlola umonakalo bekhalisana nabalinyalelwe yimpahla.

Yize le mijondolo ishe ngeSonto kodwa izolo bekusashunqa kwezinye izindawo, abantu bemi izixongololo, abanye beqoqa izinkethe belungiselela ukwakha kabusha.

no kennedy rd7 INHLOKO yekomidi lezeZindlu kuMasipala weTheku, uMnuz Nigel Gumede (kwesokunxele), uNgqongqoshe wezeZindlu eKZN uMnuz Ravi Pillay, iMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo nezikhulu zikahulumeni zihambele kuKennedy Rd ukuzobona umonakalo owenzekile kusha imijondolo INLSA

UNksz Buyi Makhoba (26), uthi ubeseShowe eyongcwaba isihlobo sakhe ngesikhathi ethola ucingo obelumazisa ukuthi kuphelile ngendlu yakhe. Ushelwe ikhompyutha, ifriji, ithelevishini, umbhede amakhabethe ngisho isitifiketi sikaMatric imbala konke okube wumlotha.

“Lungene ucingo ngisemgqeni wabantu abebeklelele ukuyobona u-anti okokugcina ebhokisini. Ngivele ngaphelelwa amandla bengazisa ukuthi ayisekho indlu yami,” kusho uNksz Makhoba eshaqekile.

Unina wezingane ezine uNksz Nomonde Banga uthi akazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani ukuze athengele izingane zakhe ezimbili izincwadi nenyunifomu okungqongqiswe wumlilo.

“Sisele nesikugqokile asazi ukuthi sizolala sidleni. Amakhaza aphelele kithina sihlezi emnyango sigade othayela bethu ubusuku bonke,” kubalisa uNksz Banga.

UMnuz Mthokozisi Rhadebe, umnikazi wendlu lapho kuqale khona umlilo, uthe naye ubone sekusha izintambo zikagesi ingasekho into angayenza ngoba bese kokheleleke indlu yonke. Uthe ubesanda kubuya edolobheni eyothengela izingane umfaniswano wesikole nokunye konke okucekeleleke phansi.

“Umlilo uqalwe wugesi. Ngithe ngiqalaza ubusugijima indlu yonke. Ngisale nebengikugqokile. Kushe ngisho umazisi wami, izimpahla zokugqoka nezasendlini,” kusho uRhadebe.

Amanye amalungu omphakathi abesethole ithuba lokwenza ibhizinisi njengoba ebeseqoqa izinsimbi nothayela abasale kusha eyodayisa e-scrap yard.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.