Basathuka izanya erenki yesigwagwagwa

Comment on this story
NO RANK1 BONGANI MBATHA AMAPHOYISA alokhu eqaphe isimo ngeso lokhozi emva kwesigameko sokudutshulwa kubulawe osomatekisi ababili ngolwesithathu emgwaqeni uKhuzimpi Shezi. ISITHOMBE: BONGANI MBATHA

LUNGI LANGA

KUMILE ukusebenza kwamatekisi ahambela e-Eastern Cape emuva kokubulawa kosomatekisi ababili abadutshulwe amadoda angaziwa emgwaqweni uKhuzimpi Shezi (William) oxhuma kuPixley kaSeme (West Street) ngoLwesithathu okusolwa ingxabano kososesheni ababili.

UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uphinde wayivala le renki kusukela kwenzeke lesi sigameko.

Lesi sigameko senzeke erenki yamatekisi ahambela eSouth Coast (Lusikisiki neFlagstaff).

Isolezwe lithole ngemenenja yale renki ukuthi amatekisi awasebenzi njengoba besathuswe yisigameko sokudutshulwa kozakwabo.

UMnuz Mayaya Shezi uthe izimoto zabo azisebenzi ngenxa yovalo olusekhona.

NO RANK2 AMAPHOYISA alokhu eqaphe isimo ngeso lokhozi emva kwesigameko sokudutshulwa kubulawe osomatekisi ababili ngolwesithathu emgwaqeni uKhuzimpi Shezi. ISITHOMBE: BONGANI MBATHA BONGANI MBATHA

“Izimoto ezisebenza kule renki zibalelwa ku-300 kodwa ngenxa yalesi simo kusebenza eziyisithupha kuphela usuku nosuku. Zonke lezi moto ezinye zimile ukusebenza. Ngiyacabanga ukuthi abantu bagibela kule renki eseduze kwaseDurban University of Techonology,” kusho uShezi.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha nezokuPhepha uMnuz Kwanele Ncalane uthe irenki ivaliwe ngoba beyingekho emthethweni.

“Iziphathimandla zoMnyango ngokubambisana noMasipala ziyivalile irenki ebisebenza ngokungemthetho kuleya ndawo. Namuhla kuhlelwe umhlangano ozoba phakathi koMnyango, uMasipala nezinyunyana ezithinteka kulolu daba,” kusho uNcalane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane uthe kusaboshwe abantu abathathu mayelana nalesi sigameko.

Ababili babo bakulaba abayisikhombisa abalaliswe kwesinye sezibhedlela esiseThekwini. UZwane uthe la madoda aphakathi kweminyaka engu -29 no-32 azovela enkantolo maduze.

“Sisazama ukuqinisekisa ukuthi laba abalimele bonke bebeyingxenye yemboni yamatekisi noma bekukhona nabantu abebezidlulela. Imbangela yokudutshulwa kwabo beyingakaziwa,” kusho uZwane.

NO RANK3 BEKUKHALA ibhungezi engabonwa nangalukhalo amatekisi ahambela eEastern Cape emva kokudutshulwakubulawe ngenganono kwabashayeli ababili enkabeni yeTheku. ISITHOMBE: BONGANI MBATHA BONGANI MBATHA

NgoLwesithathu uZwane uthe basola ukuthi lena inkinga edalwe ukungezwani kososeshini bamatekisi.

Abantu abasebenzela eduze kwale renki abazibonele ngamehlo lesi sigameko basashaqekile.

Omunye umdayisi ocele igama lakhe ligodlwe uthe usathuka izanya.

“Into esiyibonile isithusile kakhulu. Mina ngifisa nokuthi ngithole odokotela bengqondo ngoba ngithuke kakhulu,” kusho le ndoda.

UMnuz Wellington Ndelu weSonqobasonke Taxi Association uthe basamile ukusebenza kuze kulunge isimo erenki yabo.

Uthe kabakazi ukuthi ngoba ababahlasele.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.