isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Basayigxoba abaseNkosi Albert

Comment on this story


NO luthuli1

.

ABASEBENZI besibhedlela iNkosi Albert Luthuli abangazimisele ngokubuyela emsebenzini benganyuseliwe amaholo Isithombe: PATRICK MTOLO

LUNGI LANGA

SIYAQHUBEKA isiteleka sabasebenzi basesibhedlela iNkosi Albert Luthuli abakhala ngokukhokhelwa imali encane.

Sekuphele amasonto amabili abasebenzi bakulesi sibhedlela bebeke phansi amathuluzi ngoba befuna ukukhushulelwa amaholo yinkampani ebambisene nohulumeni ekusebenzeni kwesibhedlela, iDrake and Scull FM.

Laba basebenzi okubalwa kubona labo abaqhuba iziguli, ababhekele izindawo okugcinwa kuzo izinsiza kusebenza ezifana nokudla kweziguli ezidla ngamapayipi, ukudla kwezingane, yilabo abalungisa imishini yokushayisa ngomoya nabaphendula izingcingo bathe ngeke basebenze bengakanyuselwa iholo.

UMnuz Sbusiso Madlopha ongusihlalo weNehawu kulesi sibhedlela uthe bacele ukuthi imali inyuswe ngamaphesenti angu-12 kepha umqashi wathi angabanyusela ngawu-7.5 kuphela futhi akakasuki kulokho.

“Kwale noma sesehla sithi sifuna noma amaphesenti angu-9.7 kodwa akubukeki ukuthi umqashi uzimisele ngokusinika wona kanti nathi asisaboni singehla,” kusho uMadlopha.

Uthe laba abaqhuba izinqola bafuna ukunyuselwa imali isuke ku-R2 650 iye ku-R4 150 kepha umqashi uthe uzoyinyusa ngo-R350 kuphela.

Uthe le mali abayitholayo incane kwetholwa abenza umsebemzi ofanayo kwezinye izibhedlela.

UNksz Fikisiwe Mngadi (26) oqhuba izinqola uthe le mali abayitholayo ayikho ngoba zithi zingakapheleli izidingo zakhe ibe ingasekho kanti akabe esaba nayo nemali yokugibela aye emsebenzini.

Okunye abakhale ngakho wukungatholi sizo lwe-medical aid osekunesikhathi bakhala ngalo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.