BONISWA MOHALE no-LEE RONDGANGER
O SOMABHIZINISI abadume ngokudala uthuthuva eMlaza, abaziwa nge-Delangokubona KZN Business Forum, bathi abantu baseThekwini bazoqhubeka nokuhlala ebumnyameni nokungalungiselwa imigwaqo kuze kube iMenenja kaMasipala, uMnuz Sbu Sithole, ihlala phansi nabo ibatshele ukuthi bazowuthola nini umsebenzi kulo mkhandlu.
Izolo uSihlalo weDelangokubona KZN Business Forum, uMnuz Nathi Bhamuza Mnyandu, utshele Isolezwe ukuthi abamisanga umsebenzi kaMasipala weTheku kuphela kodwa ngisho nowezinkampani ezinkulu ezingafuni ukusebenzisana nosonkontileka abancane bayazimisa.
“Silambile sifuna umsebenzi. Asizifuni izinkampani ezingayilandeli imithetho yeBroad- Based Black Economic Empowerment (BBBEE) kufanele zisiqashe njengosonkontileka abancane. Umsebenzi siyawazi futhi siwenza kahle ngoba nathi sinazo zonke izimfanelo ezidingekayo. Sifuna ukuhlala phansi neMenenja kaMasipala weTheku uSbu Sithole ngoba iyona okufanele igunyaze ukuthi sithole umsebenzi,” kusho uMnyandu.
Ebuzwa ukuthi umhlangano wabo nobuholi be-ANC eThekwini wathela ziphi izithelo, uMnyandu uthe awuthelanga lutho kwazise bagcina ngokuhlangana emuva kwalokho kwathuleka.
Uthe abazona izixhwanguxhwangu kodwa bangosomabhizinisi abasuswa yindlala emakhaya, yingakho sebebona kubalulekile ukuthi bahambele izinkampani ezihlukahlukene bamise umsebenzi uma bengaqashwa.
Imizamo yokuthola iMenenja kaMasipala weTheku ibhuntshile njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engatholakali ocingweni lwakhe.
Ngesikhathi Isolezwe ligcina ukubhala lolu daba uSithole wathi ngeke bavume ukuthi umkhandlu ubanjwe ngobhongwane yizigebengu eziqhosha ngokuthi zaziboshiwe kudala ngoba akekho umuntu okufanele anikwe umsebenzi ngenkani, kufuneka zonke izimfanelo kosonkontileka abancane.
Odabeni lwephephandaba i- Daily News izikhulu zezinkampani zokwakha ziveze ukuthi amalungu eDelangokubona afika ezindaweni zokwakha aphoqe ukuthi kuqashwe abasebenzi bawo abane abanamakhono adingekayo nabane abangafundile.
AmaDelangokubona kuthiwa abuye afune ukukhokhelwa u-R5 000 njalo emasontweni amabili ukuze kungaphazanyiswa umsebenzi enkampanini esuke yakha endaweni.
Izikhulu zezinkampani zokwakha sezibhalele iMaster Builders Association ne-SA Institute of Civil Engineers (SAICE) ngethemba lokuthi lezi zinhlangano zizoxoxisana nezikhulu zikaMasipala weTheku nezinhlaka ezifanele kuhulumeni ukuze kulungiswe le nkinga.
Zingu-10 izinkampani eziveze ukuthi ziyaphazanyiswa ekwenzeni umsebenzi wazo kanti kuthiwa abathikamezekayo kufanele baqinise izinhlelo zokuphepha.
UMnuz Peter Bernard wefemu yabameli iCox Yeats uthe usethintwe ngabantu abaningi emkhakheni wezokwakha abakhala ngamaDelangokubona kodwa akekho umuntu ofuna kubhalwe igama lakhe phansi ngoba basaba ukuhlaselwa.
UBernard uthe amalungu eDelangokubona awafuni ukutshelwa noma engasawenzi kahle umsebenzi kanti lokhu kwakha igama elibi ngemboni yezokwakha.
Uveze ukuthi ezinye izinkampani sezicele izincwadi ezinkantolo ukuze zingaphazanyiswa yiDelangokubona futhi lokhu kubonakala kusebenza ngoba namaphoyisa enza isiqiniseko sokuthi le nhlangano ayiphazamisi.