‘Basazifela ngami abesifazane’

Comment on this story
no phonik22 . UDJ Euphonik we-5 FM uthembisa ukujabulisa abalandeli bakhe baseThekwini kuDurban July

SIHLE MKHIZE

UMSAKAZI we-5 FM ophinde abe nguDJ wasemakilabhini uThemba Nkosi odume ngo-Euphonik, uthi nakuba esagubezelwe yifu elimnyama ecaleni abhekene nalo kodwa impilo iyaqhubeka.

Lo DJ yize engathandanga ukugonyuluka kodwa ushilo ukuthi njengoba abanye sebemthatha njengomuntu onodlame emantombazaneni kodwa abanye besifazane bayazifela ngaye.

Usho kanje lo DJ ungaphandle ngebheyili ka-R3000 ayithola ecaleni abhekene nalo lokushaya nokulimaza impahla kaBonang Matheba ongumsakazi weYFM nomethuli weLive kuSABC 1.

“Angithandi ukukhuluma kakhulu ngalezi zinto ngoba icala lisasenkantolo. Okungcono singakhuluma ngomsebenzi. Engingakusho wukuthi kulabo abacabanga ukuthi amantombazane azongizonda bashaye phansi ngoba kunenqwaba engithandayo,” kusho yena sakuncokola ethembisa ukuthi uyogonyuluka ngakho konke entathelini uma sekuphele icala.

Ube eselandisa ngezinhlelo abanazo bengabasakazi be-5 FM njengoba sekubalwa izinsuku kusuke lokho emjahweni wamahhashi omkhulukazi iVodacom Durban July.

URoger Goode ehambisana no-Angie Khumalo ngomhla ka-5 kwephezulu bazobe besakaza bukhoma eTaco Zulu, kuFlorida Road kusukela ngo-7 kuya ku-10 ebusuku ngalobo busuku.

Kuthi ngosuku olulandelayo uDJ Fresh, Poppy Ntshongwana, Catherine Grenfell noDuran Collett basakaze bukhoma eWavehouse, eGateway kusukela ngo-3 kuya ku-7 ntambama, uDJ Kent naye uzobe ekhona eklwebha amapuleti.

U-Euphonik yena uzobe edlala bukhoma etendeni leMiller ngosuku olukhulu leDurban July kusukela ngo-11 emini lapho kuyobe kudlala noKhuli Chana, AKA, Lulo Café nabanye abaningi.

Kuthi ngo-7 ntambama kuqale uhlelo lwakhe nalo azobe elusakaza bukhoma i-Ultimix kuze kushaye u-10 ebusuku.

Uyobe eseyivala eBoulevard, kuFlorida, ngeSonto nakhona uyobe eshayela uhlelo lwakhe olubizwa ngeMy House kusukela ngo-7 kuya ku-10 ebusuku ukungena emnyango kuyobe kubiza u-R100.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.