AWEZWA mshini amalungu omphakathi aku-ward 2, eMshwathi afuna kudedelwe amalungu awo angu-16 asolwa ngokushisa amahhovisi nezimoto zikamasipala ekhala ngokubuyiselwa esikhundleni kwekhansela elidala le-ANC.
Izolo abuthane ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseNew Hanover ngemuva kokunqatshelwa ukuthi athamele icala lapho abasolwa bekulindelwe ukuthi bafake isicelo sebheyili.
Kubukeka zisekude ukuxazululeka izinkinga zale wadi njengoba iqulu elingalifuni ikhansela lifunga ligomela ukuthi liyophatha befile.
Esangweni lenkantolo bekuvimbezele amalungu e-ANC abeqhamuka kuma-ward awu-14 aseMshwathi okubalwa nabaku-ward 2 abebephethe izingqwembe eziphikisa isicelo sebheyili.
Kubona bekukhona abekade bememeza bethi aliyi ndawo ikhansela uMnuz
Philip Dladla, obeyingxenye yezikhulu zikaMasipala ebezithamele leli cala, ziholwa yiMeya uNkk Siphindile Zondi-Mbhele noNobhala we-ANC eMoses Mabhida uMnuz Mzi Zuma.
IMantshi, edalulwe ngelikaNksz Luvuno, isihlehlisele uLwesithathu oluzayo (Septhemba 21) isicelo sebheyili ukuze abasolwa bakwazi ukusifaka kanye kanye njengoba kubona bekukhona abathathu abebevela okokuqala enkantolo.
Ngemuva kwecala kube khona ukuphikisana ngamazwi phakathi kwabaseka ababoshiwe nalabo abekade begqoke izikibha ze-ANC.
Ilungu lomphakathi uNksz Nonhlanhla Ngubane (47) uthe kuyabacasula ukuthi i-ANC ithuthe abantu bakwezinye izindawo ngamabhasi ukuthi bezothamela leli cala.
“Bonke laba bantu abafike bavala amasango enkantolo bephikisa ibheyili asibazi ukuthi bangobani. Kuhanjwe kwathathwa abantu kwezinye izindawo balethwa lana ukuze kubukeke sengathi kunamalungu omphakathi aseka uDladla. Asazi thina kwashisa bani, siyasola ukuthi yibona abashisa, babethuthwe ngezimoto. Abe-ANC behlangene noMasipala basenza izilima, bathi asimvotele uDladla ngoba vele usegazethiwe kodwa emuva kokhetho kuzobe sekuba nokhetho lokuchibiyela,” kusho uNksz Ngubane.
Ekhuluma ngaphandle kwasenkantolo uZuma uthe njengoKhongolose baphambene kakhulu nobugebengu nobuqhwaga obukhonjiswe ngabasolwa.
“Thina asinalo noluncane uzwelo lalaba ababoshiwe, sifuna umthetho uthathe indawo yawo. Asikho isimo esingaholela ekutheni kushiswe amahhovisi kamasipala, izimoto zehhovisi lezenhlalakahle nezakhiwo zoMnyango wezokuThutha.
“Le mpahla abayicekele phansi ibisiza umphakathi, ingasizi bona bodwa. Sibonga ukuthi amaphoyisa alusukumele phezulu lolu daba kwakhona ababoshwayo. Asikaze sibathembise ukuthi kuyokhishwa ikhansela emuva kokhetho. Asikaze sithole ngisho imibiko yokuthi kunekinga ku-ward 2,” kusho uZuma.
IMeya uNkk Zondi-Mbhele ithe izolilandela leli cala kuze kube
sekugcineni ngoba ifisa ukuthi kwenzeke ubulungiswa.
“Sifisa ukuthola ukuthi yini imbangela yomonakalo omngaka olinganiselwa ku-R10million. Namanje kusangixaka ukuthi kwenziwa yini uma bengalifuni ikhansela bashise izinsiza zomphakathi.
“Basibuyisela emuva. Sicele namanye amalungu e-ANC kwamanye amawadi ukuthi afike azoseseka ecaleni. Kwabakwamasipala ababoshiwe sekusele ababili njengoba oyedwa ededeliwe,” kusho uNkk Zondi-Mbhele.