Bashaqekile abe-NFP kuboshwa amakhansela ayo

Comment on this story

SIMPHIWE NDWANDWE

KUSHAQEKE ubuholi besifundazwe eqenjini i-NFP ngesikhathi kuboshwa amakhansela amabili asolwa ngokuphatha isibhamu esingekho emthethweni emotweni abehamba ngayo eMsinga.

Kubuye kwaqubuka nezinsolo zokuthi ayathinteka ezinsolweni zokubulawa kowayenguSihlalo waleli qembu eMsinga, uMnuz Mshikashika Shelembe.

Amaphoyisa aveze ukuthi laba baboshelwe icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni i-CZ 75 nezinhlamvu.

UMnuz Vusi Khoza, onguNobhala wesifundazwe we-NFP uthe bethukile ngesikhathi bethola izindaba zokuthi umkhonto sengathi wagwaza ekhaya ngokufa kukaShelembe owadutshulwa enabantu ababili behlaselwa behamba ngemoto.

UKhoza uthe babethemba ukuthi ababulali bayobanjwa babhekane nesandla somthetho bajeze kanzima kodwa manje sekuvalelwe “abafowabo” endlini ngakho bazolindela ukuthi umthetho uphenye konke kuhlale obala.

Uthe njengoba kuboshwe laba nje bayacabanga ukuthi isimo sizolawuleka uma sebekhuluma namalungu abo ukuze kungabi bikho simo sokubanjwa komoya.

“Sethemba ukuthi ekugcineni iqiniso lizovela ngoba besingalindele ukuthi kungaboshwa abantu bethu. Sifuna uphenyo lube nzulu ukuze uma ngempela lama lungu ethu ethinteka kuleli cala ajeze kanzima ngokubulala uShelembe nentombazane yakwaZuma. Kumanje omunye owayesemotweni ngesikhathi kudutshulwa laba usesesibhedlela,” kusho uKhoza.

Ukugcizelele ukuthi ababagwebi ngecala yize lingakabalahli enkantolo ngoba kuyilungelo labo ukuthi bathathwe njengabangenacala kuze kube yinkantolo ibalahla ngecala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe abasolwa kucelwe ukuthi bakhiphe ilayisensi yesibhamu kodwa bavele bandwaza base bevalelwa.

Bazobhekana necala lokuphatha isibhamu esingekho emthethweni kanti bazovela enkantolo maduze.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.