.
UNINA kaMnuz Thembinkosi Mbokazi uNksz Angeline Dube ekhomba efokozini lapho kutholakale khona isidumbu sendodana yakhe. Izithombe: SANDILE MAKHOBA
MLUNGiSI GUMEDE
SEKUQUBUKE indida ngokushona kowesilisa waseNtshongweni isidumbu sakhe esitholakale silenga esihlahleni efokozini ngoMsombuluko.
Isidumbu sikaMnuz Thembinkosi Mbokazi (37) sitholwe ngumuntu obeya emsebenzini ngesikhathi enqamula endleleni eseduze nesikhotha.
Umndeni kaMbokazi namalungu omphakathi bese bephume inqina bemthungatha ngemuva kokunyamalala ngoMgqibelo ebusuku.
Kuthiwa uMbokazi ufike ekhweni lakhe ngoMgqibelo waxabana nengoduso yakhe uNksz Buhle Shoba wayiklabha ngobhushu, okuthe uma umfowabo wengoduso ethi uyakhuza naye wamklabha.
UNksz Shoba nomfowabo kuthiwa baphuthunyiswe esibhedlela eRK Khan kanti kubikwa ukuthi isimo sabo sibucayi.
UMNUZ Mkhululi Dube ongumfowabo kaMnuz Thembinkozi Mbokazi
.
Umndeni kamufi awukholwa wukuthi indodana yawo izibulele ucabanga ukuthi isidumbu sakhe sifike sesizobekwa kuleli fokozi.
Umfowabo kamufi, uMkhululi Dube uthe indlela ami ngayo umufi esihlahleni ayikhombisi ukuthi uzilengisile kodwa kubukeka sengathi ufike esezobekwa.
“Ngisho nentambo ihamba ngasebusweni ayikho emqaleni,” usho kanje.
UDube uthe umufi nengoduso yakhe bebehlala ngokuhilizisana nokuholele ekutheni ingoduso igcine isidubile yaphindela kubo njengoba kade behlala ndawonye phambilini.
Nomunye umfowabo kamufi ofike endaweni yesehlakalo ushaye amakhala wathi umfowabo akazange azibulale kodwa usola ukuthi ubulewe.
“UThembinkosi ubengeke azibulale, kukhona okushaya amanzi kule ndaba,” usho kanje.
AMALUNGU omphakathi waseNtshongweni ebukeka ekhungathekile ngemuva kokutholakala kwesidumbu sikaMnuz Thembinkosi Mbokazi efokozini ngoMsombuluko
.
Isolezwe lifike endaweni yesehlakalo sekugcwele amalungu omphakathi emi izixongololo ekhombisa ukukhungatheka ngale ndaba.
Amaphoyisa afike endaweni yesehlakalo umufi esalenga esihlahleni kwalindwa umthwebuli wezithombe wamaphoyisa okuthiwe usuka eMgungundlovu.
Unina nogogo kamufi bebehlabelela amaculo esonto kusalindwe imoto yezidumbu.
Unina kamufi uNksz Angeline Dube usole abasekhweni lendodana yakhe ngokushona kwayo.
“Yize ngingazi ukuthi kwenzekeni ngendodana yami kodwa abasekhweni layo bayimbangela yokushona kwayo,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa esifundazwe uCaptain Thulani Zwane uthe kuyaphenywa ngalesi sehlakalo.
|
|
Anonymous, wrote
Thanks to Isolezwe for the coverage of the story.Kunuka santungana kuloludaba lokufa kukamshana wami.Ngikhuluma nosisi ocingweni ngithole ukuthi lengoduso imfonele yenza ezinye izifungo zokuthi kusewubala lokhu okwenzekile ngoba kusazolandela omunye womndeni maduze.As much as I don't condone my umshana's behaviour kumele lulandelwe loludaba ngamaphoyisa ngokusizana neSolezwe.Loku kungasiza ukugwema izenzo zokubulala endaweni yase Ntshongweni.Siyawazi umlando wendawo phambilini ngezenzo eziwuloluhlobo.Ngiyabonga.
JABU MDLALOSE ENQUTHU, wrote
kuyajabhisa ukuzwa izizndaba ezinjengalezi kufanele kuthathwe izithombe zalapha atholakale khona ukuze kuzotholakala isiqiniseko kungeke kuxabane abantu futhi kungathathwa kancane ngoba makwenzeka kancane bakuthiwa ubulewe lo ombulele angazibulala naye bese singazwakali kahle isiqalo sendaba yingakho kumele kwenzke ngokushesha.
Showing items 1 - 2 of 2
Services
Comment Guidelines