Advertisement
X

Bashaye umuzi wekhansela

SELIHAMBA lijeqeza ikhansela le-ANC laku-ward 55, eNanda, uMnuz Vusi Gebashe, ngemuva kokuthi amalungu omphakathi abethukutheliswe wukuphela kukagesi izinsuku zilandelana egasele emzini walo aphahlaza amawindi ngoLwesithathu ebusuku.

Kuthiwa lisindiswe wukuthi belingekho emzini walo ngesikhathi iqulu ebelingezwa mshini lishaya ngamatshe amawindi nophahla lwendlu.

UMGWAQO onqamula kwaMshayazafe eNanda usale uvalekile emuva kokubhikisha komphakathi ucikwa wukucinyelwa ugesi izinsuku zilandelana Isithombe:INLSA

Iqulu ebeliphuma ezindaweni ezehlukene, okubalwa KwaMshayazafe, eZimangweni, eDube Village naseBhambayi, liqale ngokuvala umgwaqo omkhulu uM25 ngamathayi avuthayo namatshe.

Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa lithe into ebacasulayo wukuthi ugesi usuphela mihla namalanga kodwa ikhansela uGebashe lizithulele, alibachazeli lutho.

“Uyinkinga uGebashe ngoba wenza sengathi uhlala nathi emphakathini kanti uyazulisa. Leya ndlu kuyacaca ukuthi usuke efikele kuyona. Njalo uma sinezinkinga sithi siyombikela asimfici kwakhe. Asiwazi ngisho nomndeni wakhe. Siwumphakathi besimvusa emaqandeni. Sifuna abone ukuthi asizona izilima nokuthi sesikhathele ukubekezelela udoti wakhe,” kusho ilungu lomphakathi.

Elinye ilungu lomphakathi laseZimangweni lithe ugesi uphela emini uhambe usuku lonke uze ubuye ngakusasa. “Sibolelwa wukudla emafrijini. Le nkinga iqale ngemuva kokhetho. Sidinwa wukuthi ikhansela lizithulele alikaze lisibize lisichazele ngokwenzekayo. Kufanele lingabi nandaba ngoba vele alihlali lana alizazi izinkinga esibhekana nazo endaweni,” kusho leli lungu.

Ngesikhathi Isolezwe lihambele umuzi kaGebashe izolo lifike kuneqeqebane labantu ngaphandle komuzi yena engekho.

Kubona bekukhona nabebelungisa uphahla nabebekhipha amawindi aphahlaziwe.

Akekho kubona othandile ukukhuluma bathi kungcono ikhansela lizikhulumele.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaGebashe ayiphumelelanga. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseNanda avule icala lokucekela phansi impahla ngemuva kokuthi amalungu omphakathi abekhala ngentuthuko ephahlaze wonke amawindi asemzini wekhansela.

“Umphakathi uqale wavala umgwaqo ngamathayi avuthayo nemfucuza. Kudingeke ukuthi kubizwe amaphoyisa akwaPublic Order ukuwuhlakaza

SHOW ALL
Advertisement