Bashise amathayi bavala isikhungo

Comment on this story
NO dut1~1 INLSA UMengameli weSRC eDUT ophikweni iSteve Biko eThekwini uMnuz Ayanda Ngidi uthi abaphathi kumele bayilungise ngokushesha indaba yezindawo zokuhlala. Isithombe: PATRICK MTOLO

NONTUTHUKO NGUBANE noFANELESIBONGE BENGU

KuSAMILE ukufunda eDurban University of Technology (DUT) ophikweni laseThekwini naseMgungundlovu kulandela izikhalo zabafundi ezithinta imali yomxhaso, izindawo zokuhlala nezinye izinkinga ezikhungethe lesi sikhungo.

Kusukela ngoMsombuluko abafundi baseNdumiso Campus, abalubhadanga emakilasini bavalela abaphathi ekhoneni befuna ukuba baqhamuke nesisombululo ngezinkinga abathe ngeke bakwazi ukuqhubeka nokufunda zingakalungiswa.

Abafundi bashise amathayi nezihlalo bavala namasango ukuze kungangeni muntu.

Kuphoqeleke ukuba othisha nabafundi abebezimisele ngokuzoqala usuku baphindele emuva.

Isolezwe lifike ubuholi (SRC) bukhala ngezinkinga ezifanayo nakwezinye izikhungo okuyinkinga yendawo yokuhlala kodwa bagcizelele eyoxhaso lwemali (iNSFAS) nokushintshwa kwenkampani ephekayo.

no DUTx1 KUTHOMBE okhiye abafundi bekhalaza ngezimfuno zabo esikhungweni semfundo ephakeme (DUT) eNdumiso eMgungundlovu Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE

UNobhala we-SRC, uMnuz Avela Mjajubunu, uthe bebengeke bekwazi ukuqhubeka nokufunda ozakwabo besengozini yokubanjwa inkunzi ngenxa yokungabi nazo izindawo zokuhlala.

“Kunzima ukuba siqhubeke sifunde abanye abafundi bengenazo izindawo zokuhlala. I-DUT yonke sikhala ngemali yoxhaso engenele nezindawo zokuhlala. Lapha naseMidlands sinendawo eyodwa vo yangaphakathi esikhungweni yokuhlala abafundi. Abafundi bethu abaphephile neze ngoba kumele bephume esikoleni sekuhambe isikhathi nokubafaka engcupheni yokubanjwa inkunzi lapha ngaphandle,” kusho uMjajubunu.

Lesi sikhungo siseMbali nokuyindawo eyilokishi.

NaseSteve Biko Campus, eThekwini kube ngesifanayo njengoba abafundi ngoMsombuluko beqale ngokuyigxoba bekhala ngezindawo zokuhlala.

UMengameli weSRC, uMnuz Ayanda Ngidi, uthe bona baqale ngoLwesithathu bakwazi nokuthi bahambise uhlu lwezikhalo kwiPhini likaShansela, uSolwazi Ahmed Bawa.

Okhulumela lesi sikhungo, uMnuz Alan Khan, uvumile ukuthi abafundi bamise ukufunda kwezinye izikhungo ngenxa yokungathokozi ngokuthize.

“Sesiside isikhathi sizama ukuxoxisana nesigungu esimele abafundi sisazisa ukuthi imali kasinayo. Kuphele yona imali ebesiyinikezwe ukuba sixhase ngayo abafundi. Ingu-R234 million imali esetshenziswe ukuxhasa abafundi kulesi sikhungo. Baningi abanye abafundi abasafuna uxhaso kodwa esingakwazanga ukubanikeza ngoba imali ayisekho,” kusho uKhan.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.