Basinde kukubi abaphathi bekolishi

Comment on this story
NO COASTAL2 INLSA ATHWALE kanzima amaphoyisa ezama ukuvimba othisha abebezama ukungena ngenkani emahhovisi eziphathimandla zaseCoastal FET College befuna ukubabamba ngezandla babakhiphele ngaphandle kwesikhungo. Isithombe: SANDILE MAKHOBA

CELANI SIKHAKHANE noMLUNGISI GUMEDE

KUSUKE uthuli lwezichwe esikhungweni semfundo ephakeme iCoastal FET College KwaMakhutha izolo ngesikhathi abasebenzi bevuka umbhejazane befuna ukudla luhlaza izikhulu zekolishi abazisola ngenkohlakalo.

Kulamule ukufika kwamaphoyisa nakuba kukhulunywa ukuthi izikhulu ezimbili kulesi sikhungo azizange zisithole isibhaxu sabasebenzi abebebonakala benukelwa yigazi.

Laba basebenzi bebechapha abaphathi ngenhlamba bethi abasabafuni emagcekeni ekolishi.

Bagasele ehhovisi lomphathi uMnuz Patchius Tigere nelikandabazabantu uNkk Nokuthula Majali, bebafuna ukuthi baphume baphele emagcekeni ekolishi bethi bayahluleka ukwenza umsebenzi wabo.

Amaphoyisa athwale kanzima ngesikhathi evimba laba basebenzi abebefuna ukungena ngo“dli” emahhovisi alezi zikhulu.

Okhulumela laba basebenzi uMnuz Dumisani Shabalala usabise ngokuthi bazoqhubeka nokubhikisha kuze kube uTigere noNkk Majali bayahamba.

“Ziningi izinto ezonakele esikhungweni ngenxa yobuthaka bobuholi balezi zikhulu,” usho kanje.

UShabalala uthe bafuna ukuthi uTigere ashenxe ngoba uyihlathi elihlulekayo ukuhola isikhungo nokunika umkhombandlela.

“Sikhuluma nje lo mphathi uhlulekile ukungenelela alungise indaba yokusha kwesakhiwo sesikhungo, okuyisimo esenza ukuthi abafundi nabasebenzi bahlukumezeke bangazi ukuthi kumele benze njani,” usho kanje.

Uthe uNkk Majali naye bamfuna ephumile esikhundleni sakhe ngoba usoleka enkohlakalweni yokuqasha ngokwenzelela nezihlobo zakhe.

Abanye othisha abebephusha befuna ukungena ngenkani ehhovisi bebethi abafuni kube umthetho oxosha lezi zikhulu, kodwa bafuna ukuzibambela ngezandla bazikhiphe bukhoma emagcekeni esikhungo.

Ukuba mapeketwane kwesimo kulesi sikhungo sekuholele ekutheni uMnyango uze ujube umuntu ozilungisa isimo, uDkt Sbusiso Ntombela.

Phakathi kwezinto uNtombela abekelwe zona, wukuthi aqale uphenyo olunzulu mayelana nezinsolo zenkohlakalo okuthiwa idla lubi kulesi sikhungo.

UMnyango wezeMfundo emazingeni aphakeme ukhiphe umyalelo wokuthi uTigere asishiye ngokushesha isikhundla sakhe ngoNovemba 1 nonyaka kodwa kuze kube yimanje usaqhubeka nokusebenza okungesinye sezizathu ezidale ukuthi abasebenzi banengeke.

Yize bekuqhubeka umbhikisho kodwa ukubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka akuzange kuphazamiseke.

UNkk Majali akazange atholakale ukuthi aphawule njengoba ebesemhlanganweni nenyunyana yakhe iSadtu bedingida lesi simo.

UTigere uthe ngeke aphawule lutho ngalolu daba.

UNtombela ojutshwe uMnyango naye uthe angeke akwazi ukuphawula.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.